0% found this document useful (0 votes)
38 views13 pages

Grade 11june Paper 1 2019

Le phepha lokuhlola lezi zifundo zesiZulu likhuluma ngezingozi zomgwaqo, ukuhlukunyezwa kwabantwana, kanye noSerena Williams. Kubalulekile ukuthi abafundi baphendule imibuzo ngesiZulu esihle futhi bahloniphe izimiso zokubhala. Iphinde ibalule izigaba ezahlukene zokufunda, kufaka phakathi ukufunda ngokuqonda, ukufingqa, izinkondlo, nokusetshenziswa kolimi.

Uploaded by

Unknown.12
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
0% found this document useful (0 votes)
38 views13 pages

Grade 11june Paper 1 2019

Le phepha lokuhlola lezi zifundo zesiZulu likhuluma ngezingozi zomgwaqo, ukuhlukunyezwa kwabantwana, kanye noSerena Williams. Kubalulekile ukuthi abafundi baphendule imibuzo ngesiZulu esihle futhi bahloniphe izimiso zokubhala. Iphinde ibalule izigaba ezahlukene zokufunda, kufaka phakathi ukufunda ngokuqonda, ukufingqa, izinkondlo, nokusetshenziswa kolimi.

Uploaded by

Unknown.12
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
You are on page 1/ 13

.

MARIS STELLA
UKUHLOLWA KUKANHLANGULANA 2019
IBANGA 11
ISIZULU FAL IPHEPHA LOKUQALA

UMHLOLI: NKK MKHIZE

MODERATOR: NKS N GUMEDE

ISIKHATHI : Amahora ama-21/2 ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ AMAMAKI :100

Isiqephu A: ​ Ukufunda ngokuqonda

Isiqephu B: ​ Ukufingqa

Isiqephu C:​ Izinkondlo

Isiqephu D:​ Ukusetshenziswa kolimi

UMPHUMELA WOKUFUNDA 4 : UHLELO LOLIMI.

QAPHELA:

●​ Leli phepha linamakhasi (pages) ayishumi nmbili(12)


●​ Phendula yonke imibuzo ngesiZulu esihle.
●​ Bhala ngesandla esicacile.
●​ Ungazishintshi izinombolo zemibuzo bhala njengoba kunjalo.
●​ Ukuhlanzeka kuyancomeka.

NGINIFISELA INHLANHLA

1
ISIQEPHU A ISIFUNDO SOKUQONDISISA

Umbuzo 1
Funda indaba bese uphendula imibuzo elandelayo.

​ ​ ​ ​

​ ​ ​ [Umthombo: <www.canstockphoto.com>]

1 Sekuyinto ejwayelekile ukuthi njalo ngamaholide amakhulu sizwe ngezingozi zomgwaqo


eziningi kulo lonke izwe lethu. Abantu abaningi bayafa, abanye balimale kakhulu.

2 Umbuzo omkhulu ukuthi kuyoze kube nini abangane bethu, izingane, nezihlobo zethu ziphelela
emigwaqweni? Kuba buhlungu kakhulu uma ingozi ivelela umuntu ongenacala ngenxa yesidakwa
nje esingafuni ukulalela. Abantu abaningi bashayela izimoto bedakiwe. Lokhu kuba nomthelela
omubi kwabanye abashayeli abangenacala. Lokhu kwenzeka kakhulu ngamaholide kaKhisimusi
namaholide ePhasika.

3 Ziningi izinto ezidala izingozi zomgwaqo(car accidents), akubona utshwala kuphela kodwa
buyisizathu esikhulu. Kukhona abashayeli abathanda ukushayela ngejubane elikhulu,
ikakhulukazi abashayeli abasebasha. Kuba mnandi kubafana abancane ukubukisa ezintombini.
Kuba mnandi nokukhombisa abangane ukuthi yena uhamba ngemoto egijima ukuzedlula zonke.
Imiphumela yako konke loku wukulahlekelwa yimpilo, nokuhlukumezeka kwabanye abashayeli
abangenacala.

4 Abanye abashayeli bashayela izimoto ezingakulungele ukuba semgwaqweni. Kuba kubi


kakhulu uma umshayeli ezogibelisa abantu emotweni ayaziyo ukuthi ayilungile. Lokhu
kungukubulala. Ungayishayela kanjani imoto ube wazi kahle ukuthi ayinamabhuleki?
Ungayishayela kanjani imoto enamathayi agugile? Lo mshayeli kufanele aboshwe agwetshwe
iminyaka eminingi ejele. Uxolo alufuneki kulesi simo.

5 Kunabantu abashayela ngaphandle kwezincwadi zokushayela. Abazazi nezimpawu zomgwaqo


kodwa bangena emotweni bashayele. Abantu bahlulwa yini ukulinda baze babe ngabashayeli
abaphasile ngaphambi kokushayela izimoto? Kukhona nokho ezinye izingozi ezidalwa ngabantu
abahamba ngezinyawo. Abanye babo bahamba nje badakiwe. Umuntu makadlalele kude
nemigwaqo emikhulu uma esezizwa ukuthi usephuzile.

6 Izizathu ezinye zezingozi zomgwaqo isimo esibi sezulu, imigwaqo emibi


nezilwane ezihamba emigwaqweni. Yize kulukhuni ukuvikela lezi zingozi kodwa

2
izingozi eziningi zomgwaqo zingavikeleka ngoba zidalwa wubudedengu (recklessness)
kubashayeli. Uma wonke umuntu engahlonipha izimpawu zokushayela, ayikho ingozi engaba
khona. Wonke umuntu angaphepha.
Imibuzo
1.1 Bhala imiphumela (outcomes)EMIBILI yezingozi zomgwaqo ngokwendaba.​ ​ ​ (2)
1.2 Esigabeni 2, thola amagama asho:
1.2.1 Christmas ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
1.2.2 Easter​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
1.3 Phendula ngokuthi Yebo noma Cha

1.3.1 Isimo esibi sezulu singabanga izingozi zomgwaqo.​ ​ ​ ​ ​ (1)

1.3.2 Bonke abashayeli abangenalayisense badala izingozi zomgwaqo. ​ ​ ​ (1)

1.3.3 Ukuhlonipha izimpawu zomgwaqo kungehlisa izingozi zomgwaqo. ​ ​ ​ (1)

1.3.4​ Abanye abashayeli bashayela izimoto ezingakulungele ukuba semgwaqweni.​ (1)

1.4 Ngokwendaba, isiphi isizathu esikhulu sezingozi​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)

1.5 Yiziphi ezinye izinto EZIMBILI ezidala izingozi zomgwaqo?UNGABHALI EZISENDABENI​ (2)

1.6 Bhala izinto EZIMBILI okufanele zenziwe nguhulumeni ukwehlisa izingozi zomgwaqo. ​ (2)

1.7 Kuyiqiniso(fact) noma wumbono(opinion) ukuthi izingozi eziningi zomgwaqo zenzeka


ngamaholide? Sekela impendulo yakho. ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (2)

[15]

Umbuzo 2

Funda le Ndaba bese uphendula imibuzo ngayo

UKUHLUKUMEZEKA KWABANTWANA

3
Ukuhlukunyezwa kwabantwana(child abuse) kuyinto embi kakhulu. Abazali kufanele bakhulise
abantwana ngothando nokubanakekela ukuze babe nekusasa elihle. Abantwana abaningi
abalutholi lolu thando nokunakekelwa. Kukhona abantu abadala abashaya abantwana babo
kabi. Umntwana ohlukunyezwayo angagcina ekhubazekile engqondweni noma emzimbeni.
Laba bantwana bangathola usizo uma beshayela le nombolo yocingo – 0800055555.

Abantwana babhala loku okulandelayo:


Ingane 1: Ubaba wayengishisa(burnt me) ngogwayi emhlane(on the back) uma
engijezisa(punish). Umhlane wami unezibazi (scars) eziningi.

Ingane 2: Ubaba nomama babelwa(fight) njalo phambi kwami. Ubaba wayeshaya umama
bese emxosha(chase out) endlini. Nami wayengixosha. Sasilala phandle(outside) nomama,
noma kubanda ebusika.

Ingane 3: Abazali bami abangithandi, bathanda umfowethu. Njalo bamnika imali yamaswidi
kodwa mina abanginiki. Bathi mina ngimubi futhi ngiyivila. Kufanele ngenzenjani ukuze
bangithande nami?

Ingane 4: Ubaba ungumdlali webhola. Ufuna nami ngidlale ibhola njengaye. Angilithandi mina
ibhola. Uyangishaya uma engibona ngidlala omunye umdlalo ngaphandle komdlalo webhola.

Ingane 5: Umalume wenza izinto engingaziqondi. Ngolunye usuku wangiphoqa ukuba


ngimthinte endaweni yangasese. Angizange ngiyithande leyo nto. Ngakhala kakhulu.
Wangitshela ukuthi uyongibulala uma ngingatshela umama ngale nto.

Imibuzo
2.1​ Bhala umphumela wokuhlukumezeka ngokwendaba. ​ ​ ​ ​ ​ (1)
2.2​ Bhala umqondophika walawa magama alandelayo:
2.2.1 enhle ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
2.2.2 inzondo ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
2.3 Bhala umqondofana walawa magama alandelayo:
2.3.1 izingane ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
2.3.2 ingomuso​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
2.4 ​ Khetha ingane eyodwa kulezi bese usho ukuthi ungayiluleka uthini. Yeluleke kahle.​ ​ (2)
2.5​ Uma ingane ihlukumezeka kumele ikhulume nobani ngobani?​ ​ ​ ​ ​ (2)
​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ [9]

4
Umbuzo 3
Buka isithombe bese uphendula imibuzo ngaso

3.1​ Bangaki abantu abakulesi sithombe? Bhala impendulo yakho ngamagama. ​ ​ (1)
3.2 ​ Indoda esemuva iphetheni esandleni? Bhala impendulo yakho ngesiZulu. ​​ ​ (1)
3.3​ Khetha igama elilungile:
Umuntu oxhugayo umi (emuva, phakathi, phambili) emgqeni. ​ ​ ​ ​ (1)
3.4 ​ Iyiphi ingozi engenzeka uma usebenzisa lo mshini ebusuku?​​ ​ ​ ​ (1)
3.5 ​ Bhala izinto ezimbili ongazisebenzisela lo mshini.​ ​ ​ ​ ​ ​ (2)
[6]
ISIQEPHU A: 30

5
ISIQEPHU B UKUFINGQA
UMBUZO 4
Funda lesi siqeshana esilandelayo bese USIFINGQA ngamagama aphakathi
kwangama-50 kuya kwangama-60.
Impendulo yakho mayibe yisigaba(paragraph) esinaMAPHUZU AMAHLANU.
1 USerena Williams wazalwa ngomhlaka-26
kuSepthemba ngo 1981, eMichigan, eMelika.
Amagama abazali bakhe ngoRichard no-Oracene
Williams.

2 USerena waqala ukudlala ithenisi eneminyaka


emithathu. Ubaba kaSerena wakujabulela kakhulu
ukubona amadodakazi akhe amancane, USerena
noVenus bephumelela kulo mdlalo we-thenisi.
URichard, ubaba kaSerena, wayefunda izincwadi
eziningi ukuze asize amadodakazi, uSerena noVenus, ukuthi badlale kahle ithenisi.

3 URichard wathutha umndeni wakhe baya kohlala eFlorida ukuze amadodakazi athole
ukuqeqeshwa okuhle. Ngalesi sikhathi uRichard wayeka ukuba ngumqeqeshi
wamadodakazi akhe, kodwa waqhubeka waba yimeneja yabo.

4 Ngo1995 uSerena waba ngumdlali okhokhelwayo (professional). Ngo 1997 waba


kunombolo 99 emhlabeni kubadlali bethenisi, esuka kunombolo 304 esikhathini
esiwunyaka owodwa. Ngo 1998 waqeda imfundo yakhe yase-High School, yilapho
waxhaswa yiPuma ngamadola ayizigidi eziyishumi nambili ($12 million). Ngo 1999,
wehlula udadewabo uVenus, wathola isicoco (title) i-U.S. Open Title.

Indlela ehlukile uSerena nodadewabo abadlala ngayo yabenza ukuthi bathandeke


kakhulu kubathandi bethenisi abaningi. Ngo 2003, uSerena wathola i-Australian Open;
loku kwamenza waba ngomunye wabesifazane abayisithupha ukuwina lesi sicoco. Loku
ukuthi abambe izicoco ezine ngesikhathi esisodwa, wakubiza ngokuthi yi-Serena Slam.
Ngo 2008, wawina enye i-U.S. Open. Emva kwalokho wahlangana nodadewabo
kuma-Doubles baya emidlalweni yama-Olympic bawina indondo yegolide.

6 Impilo kaSerena yaba nezinselelo. Ngo Agasti 2003, uSerena


wahlinzwa idolo.
Ngo Septhemba, udadewabo uYetunde Price, wabulawa eLos
Angeles. Eminyakeni emithathu kusukela lapho, uSerena
wayesabukeka ekhathazekile emoyeni. Ukulimala, nokuphelelwa
wuthando lomdlalo kwamenza uSerena wehla ngezinombolo
kubadlali bethenisi. USerena unguMkhristu, esontweni loFakazi
bakaJehova.

7 USerena wakhipha incwadi yakhe yokuqala ekhuluma ngempilo


yakhe ngo 2009, ebizwa ngokuthi, yi-Queen of the Court. Kuwo lo nyaka uSerena wawina
i-Australian Open (edlala yedwa) waphinde wawina ama-doubles kwi-Australian Open
naseWimbledon. Ngo Septhemba kuwo lo nyaka, igama likaSerena laba
semaphephandabeni ngoba elwe noSomugqa emdlalweni we-U.S. Open. USerena

6
wehlulwa nguKim Clijsters kulo mdlalo. USerena wakhokhiswa imali eningi ngalesi senzo
sakhe. Wakhokhiswa amadola aseMelika ayizinkulungwane eziyishumi ($10,000). Emva
kwezinyanga ezimbili waphinda wakhokhiswa amadola aseMelika angamashumi
ayishiyagalombili nambili ngesenzo esifanayo. Akekho umdlali wethenisi owake
wahlawuliswa njengoSerena. USerena wazama ukuyidlulisa le nto ngoba wakwazi
ukuwina i-Australian Open.

8 Ngo 2011, odokotela bathola ukuthi kunehluli legazi (blood clot) kwelinye lamaphaphu
akhe. Loku kwethusa kakhulu. Kwakubonakala ingathi
uSerena uzoyeka ukudlala ithenisi. Waqhubeka nokudlala
ithenisi. Ngo 2012 uSerena wehlulwa kwi-French Open, kodwa
wabuyela ekudlaleni kahle ekupheleni konyaka lapho ahlula
khona u-Agnieszka Radwanska kwi-Wimbledon Open. Emva
kokuwina lapha, uSerena waya emndenini wakhe ekhala.
Wayengakholwa ukuthi wayesengawina uSerena. Ziningi
ezinye izicoco uSerena abuye aziwina emva kwalo mdlalo.

9 Ziningi ezinye izinto uSerena azenza ngempumelelo. Udlala imidlalo yebhayisikobho,


umabonakude futhi ukhangisa ngemfashini. USerena waqamba iSerena Williams
Foundation ukwakha izikole eAfrika, ukusiza abantu abahluphekayo.

Qaphela
Sebenzisa imisho egcwele
Bhala ngamagama akho
Sebenzisa ulimi(grammar) oluhle.

Ukufingqa kwakho makube nokulandelayo.


●​ Imvelaphi yakhe.
●​ Ukuqala kwakhe nokuphumelela kwakhe
●​ Izingqinamba
●​ Okunye

Izomakwa kanjena:

Amaphuzu omfundi ​ (5)


Ulimi ​(3)
Amagama asetshenzisiwe ​(2)

[10]

ISIQEPHU B: 10

7
ISIQEPHU C IZINKONDLO
Umbuzo 5(Inkondlo efundwe ekilasini)

5.1 ​ Inkondlo A : Ngemukele nginje.

1.​ Baba, ngemukele nginje.​ ​ ​ ​


2.​ Xolela ubuwula bami,​ ​ ​ ​
3.​ Xolela ukudl’ impundu kwami,​ ​ ​
4.​ Xolela ubumpumputhe bami.​ ​ ​

5.​ Xolela ubuthulu bami,​ ​ ​ ​


6.​ Xolela ubumungulu bami.​ ​ ​
7.​ Ngingowakho nginjengoba nginje,​ ​
8.​ Baba, ngemukele nginjengoba nginje. ​

9.​ Thethisa owami unembeza,​ ​ ​


10.​Thethisa amaphupho ami,​ ​ ​
11.​Thethelela labo abangilethayo,​ ​ ​
12.​Thethelela labo abangikhulisayo.​
13.​Uma kwabanjengami ngokuba nje ngingemukeleki,

14.​Uwena-ke owonayo, ngakho awemukeleki.

Imibuzo
5.1.1​ Ithini indinkimba etholakala kule nkondlo?​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
5.1.2​ Ichazani imbongi uma ithi: ukudl’ impundu kwami?​ ​ ​ ​ ​ (1)
5.1.3 Nika okubili imbongi efisa ukuxolelwa kukhona.​ ​ ​ ​ ​ ​ (2)
5.1.4​ Hlobo luni lwenkondlo lolu? Sekela impendulo yakho.​ ​ ​ ​ ​ (1)

5.1.5​ Kule nkondlo imbongi isebenzise igama elithi “ubuwula”. Nikeza amagama amabili
angaba ngumqondofana naleli gama.​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (2)

5.1.6​ Nika okuthathu imbongi efisa ukuxolelwa kukhona.​ ​ ​ ​ ​ (3)

​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ [10]

8
5.2​ Inkondlo B

1​ Lase liya kozilahla kunina,​


2​ Ngihleli egqumeni ngiphumule,​
3​ Ngambona uBadelile eza,​ ​
4​ Ehaya ingoma yakhe yemihla;​
5​ “Kwasuke kwafika abelungu ​
6​ Bavula ijoyini, yamthatha​ ​
7​ UFalakhe wakhohlwa yimi.”

8​ Kwakwal’ insizw’ imethembis’ izulu


9​ Kwakwal’ insizw’ ish’ ukumlobola,​
10​ Kodwa phind’ uBadelil’ ukuvuma,​
11​ Wahlalel’ ethembeni njalo,​​
12​ Ngelinye ilanga uyozwa​ ​
13​ Ngo “Sikhulekile”, sekuwuFalakhe.

14​ Kwakwala izintombi zimbhuqa,​


15​ Zikhuluma zigegisa amazwi,​
16​ Linye elikaBadelile,​ ​ ​
17​ “Uyobuya uFalakhe!”​ ​
18​ Yebo lalikhulu ithemba,​ ​
19​ Yebo lalikhulu negugu,​ ​
20​ Enhliziyweni yakh’ engekho​
21​ Ayengamthanda njengoFalakhe.

22​ Sisahlel’ egqumeni noBadelile,​


23​ Qhamu ingane nencwadi yocingo,
24​ EkaBadelile ivela kuFalakhe,​
25​ Esab’ ukuyivul’ ayiphonse kimi,​
26​ Phakathi yayiqukethe la mazwi:​
27​ “Ngatholakala nginecala lokubulal​a
28​ Sesize saphuma isigwebo​ ​
29​ Khohlwa Badelile”.​ ​ ​
30​ Dedelele izihlathi kuBadelile.​
31​ Qathaqatha zehla zalandelana,​
32​ “Angisophinde ngimbone uFalakh​
33​ Washo wasikhihla esikaNandi.​

9
Imibuzo
5.2.1​ Bhala isihloko sale nkondlo. ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
5.2.2​ Ngubani uFalakhe? Chaza ngokubhala umusho owodwa. ​ ​ ​ ​ (1)
5.2.3​ Tomula imigqa enalokhu enkondlweni:
​ 5.2.3.1​ ukwenzasamuntu ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
​ 5.2.3.2​ isifaniso ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
5.2.4​ Nika umqondophika wamagama alandelayo:
​ 5.2.4.1​ Khohlwa​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (½)
​ 5.2.4.2​ lalilikhulu​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (½)
​ 5.2.4.3​ insizwa​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (½)
​ 5.2.4.4​ ayengamthanda​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (½)
5.2.5​ Khetha impendulo efanele:
​ ​ Dedelele izihlathi kuBadelile. (ukuphoxeka; ukuphana; ukuxhopha)​ ​ (1)
5.2.6​ Imbongi ichazani emgqeni 33? (what is the meaning of line 33)​ ​ ​ (1)
5.2.7​ Ithini indinkimba etholakala kule nkondlo? Chaza.​ ​ ​ ​ ​ (2)
​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ [10]
Umbuzo 6(Inkondlo engafundwanga ekilasini)

Ohhe! AMAFUTHA
1 Kulukhuni kuyitshe kunzima,
2 Kuyaliwa yimpi phakathi komuntu namafutha.
3 Akusaliwa impi yomkhonto, echith' igazi,
4 Kuliwa impi yomzimba, echith' amafutha.
5 Ayihlome ihlasele, amafutha wukufa.

6 Ayikheth' fumuka, ayikhethi silaza,


7 Yimpi yomndeni, ayikhethi minyaka.
8 Uyise nendodana, amadolo aphezulu,
9 Unina nendodakazi, amadolo aphezulu,
10 Ukhulu nomzukulu, izandla phezulu.

11 Ayinabandlululo umnyama umhlophe – ayikhethi.


12 Ayinabandlululo isicebi, isichaka – ayikhethi.
13 Sonke siphefumulela phezulu – yimpi yamafutha,
14 Awashiswe amafutha – Makunyakaziswe imizimba!
15 Mayihlome ihlasele – Sonqoba simunye!

Imibuzo
6.1​ Phawula ngezitanza nemigqa kule nkondlo. ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
10
6.2​ Khipha ukuxhumana maphakathi estanzeni 1. ​ ​ ​ ​ ​ (1)
6.3​ Veza isizura etholakala kule nkondlo. ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
6.4​ Estanzeni sokuqala (1), khipha amagama asho ukuthi
ukukhuluphala kuyabulala. ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
6.5 ​ Bhala umqondophika waleligama: kulula​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
6.6​ Uma kuthiwa umuntu unamafutha kusho ukuthi?
uzacile noma ukhuluphele ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
6.7 ​ Bhala uhlobo lwefanamsindo olubhalwe ngokugqamile emigqeni 1 no 2. ​ ​ (1)
6.8 ​ Sinjani isigqi sale nkondlo? Sekela impendulo yakho ngezizathu ezimbili. ​​ (3)
​ ​ ​ ​ ​ [10]
ISIQEPHU C: 30
ISIQEPHU D
ULIMI NOKUSETSHENZISWA KWALO
Umbuzo 7
Funda isiqephu esingezansi bese ulungisa(correct) amagama abhalwe ngokugqamile.
Bhala impendulo kuphela.

UMnumzane Biyela uthe abantu 7.1 Mbonambi angeke besahamba ibanga 7.2 –de
beyothenga eRichards Bay ngoba sekuzokwakhiwa izitolo 7.3 -ningi ndawonye. Ukwakhiwa
kwezitolo kule ndawo kulindeleke ukuthi kuphinde kuxoshe nekati eziko emindenini eminingi
engaphansi 7.4 Masipala waseMfolozi. Kunabantu basendaweni yaKwaMthethwa
ababengasebenzi, asebeqale ukuzitholela amatohwana. Phakathi kwamabhizinisi azokuba
lapha kukhona nendawo yokulala
nedayisa izingubo ezahlukahlukene. Kubuye7.5 kwadalula nokuthi kukhona nenye indawo
abasanda kuyithenga ephakathi kwaKwaMbonambi naseRichards Bay okuzokwakhiwa kuyo
izimboni ukuze kuphinde kuqashwe ezinye izakhamizi zakule ndawo.

Kuvezwe ukuthi iningi 7.6 -bantu bakule ndawo alisebenzi. Yingakho isibalo sabantu
abahaqwe igciwane le ngculaza sisikhulu kangaka. Nabasebenzayo basuke bebambe
amatoho emapulazini, ezingadini noma behlahla izimoba. Bambalwa abantu
abasebenza kwaMondi nakwaSappi. Imboni 7.7 khulu lapha i-RBM.​ ​

7.8​ Ukuxosha ikati eziko kusho ukuthi, (ukuxosha izilwane ezihluphayo; ukuqeda indlala;
ukuqeda iziko)​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (1)
7.9​ Sebenzisa amagama alandelayo emishweni yakho ukuveza eminye imiqondo ehlukile
kunasendabeni. Ibanga; umsebenzi.​ ​ ​ ​ ​ ​ (2)
​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ [10]

Umbuzo 8
11
Isolezwe 22 kuNdasa 2011
​ ​
​ ​
8.1​ Endabeni bhala amagama abhalwe ngokugqamile abe yizinciphiso.​​ (5)
8.2 Lungisa imisho engezansi ikhombise impambosi efanele.
​ 8.2.1​ UMasaka uthenga ngotshwala.( yokwenzisa)​ ​ ​ ​ ​ (1)
​ 8.2.2​ UBhoza udabuka uMasaka ngoba uphuza udoti.(yokwenzela)​ ​ (1)
​ 8.2.3​ UBhoza uphuzisa nguMasaka njalo utshwala.(yokwenziwa)​ ​ ​ (1)
​ 8.2.4​ UMasaka uphuza notshwala obunobuthi njalo. (yokwenzana)​​ ​ (1)
​ 8.2.5​ UMasaka ubuka kahle uBhoza. (yokwenzeka)​ ​ ​ ​ ​ (1)
​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ [10]
Umbuzo 9​ ​

Buka isithombe bese wenza umsebenzi ofanele.

uThandiwe

​ ​ ​

9.1 Lungisa amagama abhalwe ngokugqamile ukuze le ndatshana ibe nomqondo


ophelele. Bhala inombolo nempendulo kuphela.(write answers only)Le ntokazi inguThandiwe.
12
UThandiwe ufake 9.1.1cela somsebenzi. Namuhla ubiziwe ukuba 9.1.2 azoxoxisa(impambosi
yokwenzana) nabaqashi. UThandiwe ushaywa 9.1.3 uvalo ngoba akazi ukuthi uzobuzwa miphi
9.1.4 umbuzo ngalo msebenzi. Uma ehluleka ukuphendula kahle ngeke awuthole 9.1.5 this
work. Kulaba bantu ababuza uThandiwe, oyedwa ufake 9.1.6 buka emehlweni.
​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (6)
9.2 Phikisa (negative form) amagama abhalwe ngokugqamile. Bhala inombolo
nempendulo kuphela.(write answers only)
UThandiwe uyintokazi 9.2.1 emfushane. Omunye owesifazane ubukeka
9.2.2 esemdala. 9.2.3 Baningi laba bantu kuleli hhovisi. UThandiwe
ugqoke izicathulo 9.2.4 ezimhlophe. ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ (4)
​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ ​ [10]
ISIQEPHU D: 30
ISAMBA: 100

13

You might also like