Amanzi: Difference between revisions
Fixed typo Tags: Ukuhlela okwenziwa kumakhalekhukhwini Ukuhlela okwenziwe nge-app Android app edit App section source |
Tags: Ukuhlela okwenziwa kumakhalekhukhwini Ukuhlela okwenziwe nge-app Android app edit App section source |
||
umugqa 15: | umugqa 15: | ||
==uMsukagama== |
==uMsukagama== |
||
{{Wiktionary|amanzi}} |
|||
⚫ | Igama lesiZulu elithi amanzi, livela olimini oluyisandulela sintu |
||
⚫ | Igama lesiZulu elithi amanzi, livela olimini oluyisandulela sintu kwelithi ''*màjijì'', nokulapho ezinye izilimi nazo ezithola igama amanzi khona, ngokwesibonelo, isiSwati ''emanti'', isiLuganda ''amazzi'', isiKara saseTanzaniya ''amanji'', isiNyasa ''madzi'', nezinye njll. Leli bizo lisho isiqa esigobhozayo nokulula ukusebenzisa ngezindlela eziningana. |
Isibuyekezo esenziwa nge-03:55, 16 uMfumfu 2024
Amanzi awumxube ongaphili onesicabayo H2O. Ayisiqa esiluntwentwe, esinganambitheki, esinganuki, nesicishe sangaba nambala. Ayisakhi esiyinhloko samanzimbulunga emhlabeni futhi ayimitshoko sazo zonke iziphili ezaziwayo (okuyilapho asebenza khona njengesincibikilisi). Abalulekile kuzo zonke izinhlobo zempilo, nakuba engazihlinzeki ngeisidlakalasi sokudla, noma ngezincincimsoco ezingokwemvelo. Ukubumbeka kwawo ngokwevanga, H20, kukhomba ukuthi umzwayi wawo ngamunye uqukethe isOhwe elilodwa namaHwanzi amabili angamaChwe, axhunyaniswe umnqalanzuba. AmaChwe eHwanzi anamathelene neChwe lesOhwe engonini engama-104.45°. "Amanzi" igama lesimo esiluketshezi se-H2O ezingeni lokushisa nokucindezeleka okuvamile.
Emhlabeni amanzi atholakala ngezimo ezintathu, isimo esinqumile, isimo esiluketshezi nesimo esiluhowo. Ayakwazi ukwakha ukuna ngesimo semvula nokwakha uhowovange ngesimo senkungu. Amafu aqukethe amathonsi wamanzi neqhwa, okuyisimo sawo esinqumile. Lapho lihlakazwa, iqhwa eliwumncwebe likhithika ngesimo seqhwa. Isimo esiluhowo samanzi siwumusi noma umhwamuko wamanzi.
Amanzi asibekela ubuso bomhlaba obungaba ama-71 ekhulwini, izilwandle nezidwadwa kuyizo ezakha amanzi amaningi ngomthamo (angaba ngama- 96.5%). Izingxenye ezincane zamanzi zitholakala njengamanzi aphansi (1.7%), amanzi asemaqeqebeni nasemchpheni weqhwa e-Antarctica nase-Greenland (1.7%), kanye nasemoyeni njengomhamuko, amafu (aqukethe amaqhwa namanzi awuketshezi alenga emoyeni), nokukhumanqa (0.001%). Amanzi ahamba ngokuqhubekayo ngomjikelezo wamanzi wokuhwamuka, ukujiyeka, ukuna nokugobhoza, aze aphelele olwandle.
Amanzi aneqhaza elibalulekile emnothweni womhlaba. Cishe angamaphesenti angama-70 amanzi acwebile asetshenziswa abantu kwezolumo. Ukudoba emanzini aphuzekayo nagcwele itshiwo kuyaqhubeka nokuba umthombo wokudla ezingxenyeno eziningi zomhlaba. Inqwaba yezithengiswa (ezifana namafutha, uhowo lwemvelo, nemikhiqizo) okuhwebelwana ngazo ezithinta amabanga amade zithuthwa ngezilulu ezintweza izilwandle, imifula, amachibo nemigudu. Inqwaba yamanzi, iqhwa, nomusi iyasetshenziswa ekupholiseni nasekuchadamezeni izimboni namakhaya. Amanzi ayisincibililisi esiqabavulayo seziqa ezihlukahlukene, okuwenza asetshenziswe kakhulu emidludlungweni yezezimboni ekuphekeni nasekuhlanzeni. Amanzi, iqhwa, nomkhithiko amqoka nakwezemidlalo nakwezokuzilibazisa ezifana nokubhukuda, umjaho wezilulu, ukudoba, ukutshuza neminye.
Wikimedia Commons has media related to: Amanzi |
uMsukagama
Igama lesiZulu elithi amanzi, livela olimini oluyisandulela sintu kwelithi *màjijì, nokulapho ezinye izilimi nazo ezithola igama amanzi khona, ngokwesibonelo, isiSwati emanti, isiLuganda amazzi, isiKara saseTanzaniya amanji, isiNyasa madzi, nezinye njll. Leli bizo lisho isiqa esigobhozayo nokulula ukusebenzisa ngezindlela eziningana.