100% found this document useful (1 vote)
4K views4 pages

Ikhathuni

Uploaded by

leratomathe363
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
100% found this document useful (1 vote)
4K views4 pages

Ikhathuni

Uploaded by

leratomathe363
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
You are on page 1/ 4

Ikhathuni

Ikhathuni iba umbuzo wesi-4 ephepheni loku-1; inemiklomelo eyi-10.

Inhloso yekhathuni ukugqamisa ubuthakathaka babantu ngenhloso yokugxeka, ukufundisa noma


ukuqwashisa ngakho; usuke engafuni ukuhlekisa. Kukhona lapho siba buthakathaka khona singabantu
nje jikelele; singenzi kahle noma singaqikeleli ngendlela efanele. Umdwebi wekhathuni usuke efuna
ukuyiveza obala leyo nto, ayigqamise, ukuthi kunobuthakathaka kubantu noma kumuntu othile,
azame ukuthi akugxeke ukuze kungaqhubeki. Kwesinye isikhathi usuke efundisa abanye ukuthi
bangakwenzi lokhu okubi okuwubuthakathaka noma abaqwashise ukuthi baqaphele izinto ezithile
eziwubuthakathaka esintwini.

Kubalulekile ukuthi uma uwumfundi wekhathuni usheshe ukwazi ukubona ukuthi yibuphi lobu
buthakathaka obugqanyiswayo kulelo phepha elisuke lisethiwe.

Izibonelo zobuthakathaka esesike sazibona emaphepheni adlule:


• Abantu banobuthakathaka bomona, kuvame ukutholakala kubantu besifazane ikakhulukazi;
uthole ukuthi abesekani uma kukhona owenza into enhle. Sekwaze kwaba sengathi yinto
efanele ukuthi abantu besifazane bangesekani; akusiyona into okumele yamukeleke,
kuwubuthakathaka lobu. Kwenye Ikhathuni kwakunowesifazane owayezama ukunciphisa
isisindo somzimba kodwa kukhona omunye omcindezelayo ukuthi angaphumeleli kulokhu
akwenzayo. Lowo kwakuwumona.
• Omunye umdwebi angadweba ikhathuni aveze ukuba ogombela kwesabo kwabantu
(ukuzifunela ukuthi yonke into ize kuwe) noma ngabe umuntu usecebile kodwa elokhu efuna
konke kuze ngakuyena. Uthole ukuthi umuntu usesikhundleni esiphezulu, uhola kahle kodwa
esikhundleni sokusiza abanye abantu, ufuna yonke into ewusizo, njengemali nokunye kuze
kuye. Njengoba kunalesi sifo soKhuvethe, uthole ukuthi laba abasezikhundleni kufanele ngabe
banikeze abantu abathile izinsiza njengokudla nje kodwa kungadluleli kulabo bantu bakudle
bona.
• Obunye ubuthakathaka obokuthi abantu balutheke kalula. Omunye uzothi abantu
bangothathekile noma bayakhohliseka kalula noma abaqikeleli ngokwanele. Kulezi zinsuku nje
kuke kwavela kaninginingi ngabafundisi bamanga abenza izinto ezingajwayelekile
ezinkonzweni zabo; kuyagcwala kulezi zinkonzo ngoba abantu bangothathekile. Umdwebi
wekhathuni angayidweba Ikhathuni egqamisa ukuthi abantu balutheka kalula bangabe
besabuza mibuzo ebalulekile, baziphonse entweni ngamehlo avalekile.
• Abanye abantu abaqikeleli, balandela odokotela bamanga asebevule izindawo zokwelapha,
uthole ukuthi udokotela athi engakakuhloli nakangako, kodwa usethi kufanele uhlinzwe.
Abadwebi bamanye amakhathuni bayabuveza lobu buthakathaka.
• Abanye abantu balutheka mayelana nezikhungo zemfundo, babhalise kuzo bengazange
bahlale ukuthi leso sikhungo sibhalisiwe yini.
• Abanye bayalutheka ngezindlela zokuzicebisa, njengamabhanoyi, lapho kungenwa ngemali
futhi kunenani elithile labantu okumele ulithole ngoba uthemba ukuthi uzoceba ekugcineni.
Emva kwesikhashana kuzwakale abantu sebekhala ubumayemaye ibhanoyi seliwile.
• Abanye abantu bayathatheka kumabonakude. Uthole ukuthi ekhaya kuze kuhlwe
kungenziwe lutho, wonke umuntu egqolozele umabonakude, akukhanyisiwe ekhaya, kulula
nje nokuthi Izigebengu zingene zenze ubugebengu obuthile ngoba bonke abantu bathathwe
yisithombe esidlala kumabonakude.

Ikhasi 1
• Abanye balandela ezombusazwe ngamehlo avalekile; bangabe besabuza kubaholi babo uma
bengaboni izinto zenzeka ngendlela; babakholwe babalandele ngisho sebeya eweni.
• Kwesinye isikhathi abantu bayalutheka bathenge izinto ezibonakala sengathi ziza kalula kanti
zebiwe.
• Baningi abantu abaluthekile ikakhulukazi ngezinkundla zokuxhumana. Abanye bathola
abantu ababathembisa okukhulu, njengomsebenzi noma aveze isithombe okungesona esakhe
ngempela; uma usuhlangana naye, usubona umuntu ohlukile kunalo obumbona esithombeni.
Kwesinye isikhathi, ezinkundleni zokuxhumana siyalutheka lapho kuthi noma kwenzeka izinto
ezinkulu ezisithinta ngqo izimpilo zethu, sifune ukujaha ukuthatha izithombe(sizishuthe) bese
sizifaka ezinkundleni zokuxhumana ukuze kwazi abantu abasaziyo ukuthi kwenzekani kithina
ngaleso sikhathi mhlawumbe isidingo singekho sokwenza kanjalo.
Kwelinye lamaphepha, sike sathola ikhathuni kamama obelethayo esibhedlela, into yokuqala
ebalulekile kuye ukuthi makashuthe nale ngane ezelwe asheshe ayifake ezinkundleni
zokuxhumana, kanti kuqala kwakwaziwa ukuthi ingane ezelwe ayishuthwa noma akumele
ibonwe abantu. Sesiyaye sibone ngisho noma kwenzeke Ingozi noma kukhona umuntu odinga
usizo, mhlawumbe uyashaywa, esikhundleni sokuthi abantu bamsize, bajaha kakhulu ukuthi
bamshuthe baveze ezinkundleni zokuxhumana ukuthi bona bayibonile leyo nto yenzeka.
Lokhu kutshengisa ubuthakathaka bokulutheka yizinkundla zokuxhumana. Kumele sisheshe
sikwazi ukubona kwikhathuni ukuthi yibuphi ubuthakathaka obugqanyiswayo.

Izindlela okudwetshwa ngazo ikhathuni zimbili. Omunye angayidweba ixoxe indaba (comic strip).
Lapha uthola ukuthi kunamafremu ahlukene. Kuyindaba eqhubekayo, eqale kwifremu yokuqala
yayophela kwifremu yokugcina. Akunasibalo senani lamafremu, angaba mathathu, angaba mane
nangaphezulu, kuya ngomdwebi wekhathuni nezithombe akhethe ukuzisebenzisa. Kubalulekile ukuthi
uma uyifunda ikhathuni uqonde ukuthi usuke ufunda indaba, ungaweqi amafremu, awafundwe
ngokulandelanayo, kusuka kwifremu yokuqala kuze kube eyokugcina ukuze uyizwe kahle le ndaba
umdwebi wekhathuni azama ukuyixoxa. Nakhona usuke esabuveza ubuthakathaka kodwa ebuveza
ikakhulukazi ngendlela thina bantu esiphendula ngayo ezimweni ezahlukahlukene. Uzobe esekuveza
lokhu ngamafremu ahlukahlukene. Isibonelo: uzothola ukuthi kwifremu yokuqala kwenzeka okunye
ngendlela abantu abaphendule ngayo; kushintshe ngefremu yesibili namanye alandelayo. Ephepheni
likaMashi 2020, uyabona ukuthi kwakubelethwe ingane, udokotela uyayiletha kubazali bayo
eyijabulela, kodwa indlela abazali bayo abaphendula ngayo yamenza udokotela agcine eseyilahla
phansi le ngane. Kuthi uma isiphela le khathuni bona laba bazali sebeyamangala ukuthi ingane
useyilahle phansi. Kwakuvezwa indlela abazali/isintu esiphendula ngayo ezimweni ezahlukahlukene.
Yingakho-ke kuzoba amafremu ahlukene.
Okufanayo nge-comic strip ukuthi kuyo yonke i-comic strip kwenzeka ingwijikhwebu ekugcineni.
Kwenzeka obekungalindelekile. Uma uthole ikhathuni eyi-comic strip, yifunde ulindele ukuthi
kuzovele kwenzeke into obungayilindele ekugcineni, ingwijikhwebu. Yithole-ke wena leyo
ngwijikhwebu. Akuzubuzwa ukuthi iyiphi ingwijikhwebu kodwa ayisali, akwenzeki ukuthi ingabi bikho
ingwijikhwebu. Uma ukuqonda lokhu awuzukufuna ukuthi amafremu enze umqondo othile kuwena.

Isibonelo, amafremu ekhathuni kaMashi 2020 ayemane. Kwakungenzeka osethayo angayikhiphi


ifremu yesibili avele aveze lapho ingane isiwile khona. Okokuqala, udokotela uyayijabulela ingane
kodwa ubaba akayijabuleli, bese eqhamuka esevele wayiwisa phansi ingane udokotela ngoba ufuna
ukuveza ukuthi uma isiwisiwe le ngane, uzothola bona laba bazali akade bekhala ngayo, sebemangele
ukuthi udokotela useyiwise phansi ngenxa yendlela abaphendule ngayo.

Ikhasi 2
Siyakwazi ukuthi sithole abantu abathandanayo bexabana kufremu yokuqala neyesibili bese kuthi
kweyesithathu ubathole sebezwana; yileya ngwijikhwebu. Akadingi ukuthi kuze kube yikhathuni ende.
Uma esefuna ukuyiveza nje ingwijikhwebu lo osethayo, angaze awakhiphe amanye amafremu ngoba
esuke esefuna ukuveza isiphetho esingalindelekile. Konke okufanayo kusuke kuveza ubuthakathaka
babantu endleleni abaphendula ngayo ezimweni ezahlukene.

Enye ikhathuni iba yisithombe/yizithombe. Kuyenzeka-ke ikhathuni yesithombe esisodwa, yenziwa


ngoSaziwayo njengoSopolitiki. Inhloso yalokho, kusuke kuwukuveza ubuthakathaka balowo Saziwayo
kumbe lowo Sopolitiki. Isibonelo: umongameli waseMelika (u-Donald Trump); kuningi okushiwoyo
ngaye. Sithola emaningi amakhathuni aveza ubuthakathaka bakhe. Akusibona abaphesheya kuphela,
ngisho nomongameli bezwe lethu abadlule sekwake kwenziwa amakhathuni ngabo, kuvezwa
ubuthakathaka obuthile ngabo. Inhloso kwakuwukuveza ubuthakathaka babo ukuze kungaphinde
kwenzeke komunye ozolandela abe ngumongameli. Kwakuzanywa ukukhuza lokho.

Okumele sikubheke kwikhathuni:


• Indawo. Sibheka ukuthi bakuphi laba bantu/ lo muntu okwikhathuni. Kumele uyisho indawo
ukuthi ubona ngani ukuthi yindawo. Uma kusesikoleni, uzothi ubona ngani ukuthi
kusesikoleni; uma kusesibhedlela, uzothi ubona ngani ukuthi kusesebhedlela, uma
kusemgwaqweni uzothi ubona ngani, njl.
• Isikhathi. Njengoba lo muntu/ laba bantu bevezwa kule khathuni, yisikhathi sini. Kukhona
zinto ozobona ngazo, ngisho kukhomba ukuthi kusebusuku, kungaba nonyezi noma inkanyezi
ewindini noma ezivele phandle noma kube nesithombe esidwetshiwe senyanga. Lokho
kukutshela ngesikhathi.
• Isimo sabalingiswa. Bakusiphi isimo? Uma bebabili, bejabulile, bakhombisa ukuzwana noma
okwehlukile? Uma eyedwa, ukusiphi isimo lowo muntu. Kungabuzwa ngesimo noma imizwa.
Uma umbuzo ubuza ukuthi bakusiphi isimo; impendulo yakho kufanele uphendule
ngokwemizwa; ujabulile noma wethukile bese uyasekela ukuthi usho ngani ukuthi ujabulile
noma wethukile. Umbona enzani? Kungaba ukunyakaza komzimba (body language),
amagama awasebenzisayo/inkulumo yakhe, ivezani? Uma ebabaza, usebenzisa siphi
isibabazo, uma ejabulile uzothi ‘ngci ngci’; uma mhlawumbe ethukile uzothi, ‘hawu’. Bheka
amagama awasebenzisile uphinde ubheke nokunyakaza kwakhe komzimba; mhlawumbe
uphakamise izandla noma uvule umlomo, uyahleka mhlawumbe, uveze elomhlathi. Musa
ukuthi uveze amazinyo, kodwa asithi uyahleka okuveza ukuthi ujabulile. Uma uzothi
wethukile, usho ngani ukuthi wethukile? Yini ayenzayo ukuveza ukuthi wethukile?
Mhlawumbe ukuvula kakhulu amehlo wavula nomlomo kakhulu. Bheka izinto
ezahlukahlukene ngokunyakaza komzimba.
• Amagama umlingiswa/abalingiswa abawashoyo. Shono ukuthi aveza siphi isimo ngalokhu
okwenzekayo.
• Indlela abagqoka/agqoka ngayo. Izokutshela ukuthi uwumuntu ohluphekayo (isimo
akusona). Mhlawumbe ugqoke izingubo ezidabukile, noma akagqokile noma akembethe.
Obusayo, uzodwetshwa mhlawumbe abe yindoda enkulu. Ubukhulu lobu busho ukuthi
wondlekile, akusikho ukuthi ukhuluphele kodwa wondlekile ngoba unakho kuningi. Ubukhulu
bomzimba wakhe buhambisana nezinto anazo. Mhlawumbe oswele, uzodwesthwa abe
mncane kakhulu kuze kuvele ngisho izimbambo okugqamisa ukuthi akanalutho uhlupheke
ngempela.
• Ukunyakaza komzimba, ukugqoka nokukhuluma kwabalingiswa kuzokuchazela kabanzi
ngesimo sabo.
Ikhasi 3
• Iyini inhloso yekhathuni? Umyalezo.
Umdwebi wekhathuni uyasixwayisa ukuthi masiboqikelela singalutheki… bese uyakugagula-
ke lokho kulutheka ngokokudwetshwa kwekhathuni. Kusuke kukhona lokhu umdwebi asuke
ezama ukukukhuza. Awusali-ke umbuzo osuke ukuhlola wena ukuthi uyawuthola yini
umyalezo. Lo myalezo, kwesinye isikhathi, uzokwedluliswa ngendlela ehlekisayo (uteku), la
uke uthole inkukhu ikhuluma itshela umzali ukuthi mhlawumbe umzali akangahlabi inkukhu
uma ingane igula noma ishisa kodwa akayitholele i-paracetamol. Kuyahlekisa ukuthi inkukhu
iyakhuluma kodwa qaphela ukuthi ithini le nkukhu. Nakhu phela bekuzohlatshwa yona ukuze
ingane ithole isobho elizoyenza ukuthi uphele umkhuhlane kodwa inkukhu iyaqonda ukuthi
akulona isobho elizosindisa ingane kodwa ukuyihambisa kwadokotela, ithole i-paracetamol
ukuze kwehle ukushisa. Kulolu teku lwale nkukhu ekhulumayo, sesithola umyalezo wokuthi
abazali abaqikelele indlela abatshengisa ngayo uthando lwabo ezinganeni; ingane uma igula
idinga ukuyiswa kwadokotela hhayi ukunikwa enye into njengokuhlaba inkukhu. Kulolo teku,
la kuhlekiswa khona, yilapho kusuke kunomyalezo khona. Mabahleke abafundi bese befuna
umyalezo khona lapho ngoba uzoba khona umbuzo ozobuza lokho.

Kuwona womabili amakhathuni; kungaba eyesithombe esisodwa noma eye-comic strip sibheka
indawo, isikhathi, isimo siveza imizwa (sisibona ekunyakazeni komzimba, ekugqokeni kwabantu,
nasenkulumweni, amagama abawasebenzisayo anjengezibabazo, namanye angezona izibabazo ukuthi
athini ngesimo sabo), nomyalezo (sifundo sini abefuna ukusidlulisa umdwebi waleyo khathuni?).

Amamaki amaningi akulezi zinto esezibaliwe. Asiyeke-ke ukuthi sigcine ngokuhleka uma sibuka
ikhathuni kodwa asibheke lezi zinto ukuze sizokwazi ukuthola amamaki aphezulu kulo mbuzo
wekhathuni.

Ikhasi 4

You might also like