IMIQONDO ELETHWA IZAKHI EMAGAMENI
1. IZAKHI ZAMABIZO
   Isijobelelo –ana, -azane
 Umqondo wobuncane ngokweminyaka. Indodana ishiywe ibhasi.
 Umqondo wobungako ngokwenani. Imadlana yami iphelile.
 Umqondo wokwedelela. Indojeyana iswele imali yokugibela.
 Umqondo wokuteketisa. Ikhehlana likamama selingcono kakhulu.
 Ngibone intombazane ishayiswa imoto.
  Isikhulilso –kazi
 Umqondo wobukhulu bento. Imotokazi izosithwala sonke.
 Umqondo wehaba. Ikhandakazi lakhe liyahlekisa uLungelo.
    Ubulili –kazi,-azi
   Umqondo wobulili besifazane. Imvukazi yami izele.
   Inkomokazi iyasengwa
    Isijobelelo samabizomuntu –i
   Umqondo wamabizomuntu. Umthungi wezingubo zakhe uzithunga kahle.
   Umakhi wakhe umenzele phansi. Phela kwaZulu isihambi siphathwa kahle.
    Isijobelelo samabizonto –o
   Umqondo wamabizonto. Imithungo yakhe mihle kakhulu uyinono akulengi kotini.
   Umthandazo ubalulekile kakhulu.
   Izingane zanamuhla azisayidlali imidlalo yakudala njengokugenda amatshe.
    Izakhi eziyiziphongozo (So-, No-, Ka- kanye noMa-)
   Isakhi uSo- simele igama elithi uyise. Siletha umqondo kayise.
   USomatekisi wangakithi unobuntu. (Uyise wamatekisi)
    Konke sikunikela kuSomandla. (Uyise wamandla)
   Isakhi uNo- simele igama ellithi unina. Siletha umqondo kanina.
   UNomvula umntwana oziphethe kahle.( Unina wemvula.)
   Izibulo likamama uNokuthula. (Unina wokuthula.)
   Isakhi uKa- simele umntaka. Usebenza kubantu besifazane asebeganile.
   Sisebenza kakhulu ezibongweni eziqalisa ngoMa.
   UKaMakhathini ushadele kwaZungu.
   UKaMakhanya ungumama onakekelayo.
   Isakhi uMa- naso simele umntaka. Usebenza kubantu besifazane asebeganile.
   UMaZulu uganele kwaZungu. (UmntakaZulu)
   UMaNgubane ugogo wami ozala ubaba. UmntakaNgubane)
   Iziqalo zamabizo
   Umqondo wobunye nobuningi.
   Umuntu uhlakaniphile.
   Abantu bayayisaba isayensi.
2. ISABIZWANA SOKUBALA
   Isiqu u-nke-
   Siletha umqondo wokudidiyela.
 Zonke izinkomo zami zibuyile emadlelweni.
 Nina nonke nivele ninyamalale.
   Isiqu u-dwa-
   Umqondo wokwehlukanisa.
 Ngipheke isitambu sodwa namhlanje.
 Ngizohamba ngedwa kusasa.
 Uwena wedwa nje ongikhumbulayo.
   Iziqu zesabizwana sokubala : -bili, -thathu,-ne,-hlanu
   Umqondo onikeza isibalo sezinto.
 Ngizozikhanda zozine izimoto zami.
 Bobathathu baphumelele kahle.
 Zizonqunywa zozinhlanu lezi zinkukhu.
3. ISICHASISO
   Uhlu lweziqu zesiphawulo
 -bi, -de, -nci,-sha,-fuphi,-ncane,-dala,-khulu,-hle,- fishane,- ngaki,-ningi,- ncinyane,-
   bili,-thathu,-ne ,-hlanu.
   Uhlu lweziqu zesibaluli zemvelo nezikhomba umbala
 -qotho,-qatha,-banzi,-muncu,-mnandi,-ngcono,-mbalwa,- nqunu,- mthuku,- mqoka,-
   mhlophe,- mnyama,-nsundu,-nkone,-phuzi,-bomvu.
 Ezinye iziqu zesibaluli zisuselwa kwezinye izingcezu zenkulumo njengasezenzweni.
 Isibonelo. Umuntu (-buza) obuza nento esobala angimthandi.
 Umfundi obuzayo ngiyamthanda. Isijobelelo eselulayo u-yo- sisebenza nesibaluli.
4. ISILANDISO
   Izijobelelo zesenzo
   Isijobelelo u-an-
   Siletha umqondo wokwenzana kwezinto ezimbili noma eziningana..
   Abantwana bashayana ngemicamelo.
   Izingane zithelana ngamanzi.
   Abashayi sibhakela bayashana.
   Siletha umqondo wokuphikelela noma wokuphindaphinda.
   Ukwenza isenzo esithile njalonjalo.
   Esikoleni sifundana nezincwadi njalo.
   Ushiywe yitekisi elibele ukucwalana nezinwele zakhe.
   Balibele ukushayana nogubhu, manje umile umsebenzi.
    Isijobelelo u-is-
    Siletha umqondo wokwenzisa noma owokubangela ukwenzeka kwento ethile.
   Ngizokugijimisa uze ujuluke.
   Uboyiphuzisa umuthi inkomo.
   Ubaba ukhalisa ingane.
    Siletha umqondo wokusiza noma wokwelekelela.
   Izingane zizongilimisa kusasa.
   Ingabe ithuthisa unina amanzi.
   Sizokuhlinzisa uma usuyihlabile.
    Isijobelelo u-ek-
    Siletha umqondo wokwenzeka.
   Le ndaba ayixoxayo iyakholeka.
    Siletha umqondo wesimo.
   Usengconywana ngoba nakhu sekuyadleka.
   Kuyadleka lokhu kudla akukubi.
    Isijobelelo u-el-
    Siletha umqondo wokwenzela umuntu into ethile.
   Umakoti ugayela uyisezala umcaba.
   Umfana ufundela ugogo incwadi.
    Siletha umqondo wenhloso.
   Abazali basebenzela izingane zabo.
   Mina ngifundela ubuhlengikazi.
    Siletha umqondo wokusiza noma wokwelekelela.
   Ingane ingiphathela izimpahla.
    Umqondo wokukhomba umsebenzi wento.
   Kungcolile endlini yokufundela.
   Khiphani izincwadi zokubhalela.
    Isijobelelo u-w-/-iw-
    Siletha umqondo wokwenziwa.
   Umjovo uthandwa ngogogo.
   Ingane ishaywa ngunina.
    Isijobelelo u-isis-
    Siletha umqondo wokwenzisisisa.
   Bayazigezisisa izandla uma bezohlinza isiguli.
   Nginike isikhathi-ke ngimbukisise.
   Ngizoyiwashisisa imoto.
   Ubokuhlafunisisa ukudla uma udla.
    IZINKATHI ZESENZO
    Isijobelelo u-a
    Siqukethe umqondo wenkathi yamanje.
   Umama uhamba ngebhasi.
    Isakhi u-ya-
    Siqukethe umqondo wenkathi yamanje eqhubekayo.
   Izingane ziyadlala ezinkundleni zemidlalo.
    Isijobelelo u-e/-ile
   Wedlule ekuseni umfana.
   Uyithathile imali yami.
    Isakhi u-zo-
    Siqukethe umqondo wenkathi ezofika noma okuzokwenzeka.
   Uzohamba ngebhasi.
    Isakhi u-yo-
    Siqukethe umqondo wenkathi eyofika noma okuyokwenzeka.
   Ibhasi liyobuya ngesonto elizayo.
    Isakhi u-a-
    Siqukethe umqondo wenkathi edlule.
   Bahamba nyakenye labo.
    IZINSIZASENZO
    Izinsizasenzo zisebenza nesilandiso (Isenzo noma isibanjalo), ukuveza imiqondo
    eyahlukene yesilandiso.
    Isakhi u-se-
    Siletha umqondo wosekwenzeka.
   Angeke ungithole ngoba sengiyasebenza.
   Muva nje sekukhona izindlela ezintsha zokweba izimoto.
    Isakhi u-be-
    Siletha umqondo oveza obekwenzeka.
   Izolo bekukhona abadayisa ngomshuwalense wokonga imali.
   Bengigula kabi kuthangi.
    Isakhi u-zo-
    Siveza umqondo wokuzokwenzeka.
   Uma ungabhekile uzokhala ezikhindini.
   Uzofika kusasa umalume.
    Isakhi u-ya-
    Umqondo wokwenzeka manje.
   Ake uyeke ingane iyadlala.
   Bayadansa omajayivane ezitolo.
    Isakhi u-ka-
    Umqondo wokulandula.
   Abadayisa izimoto kabaliyeki ithuba lokushela.
   Kulungile ngizokuphelekezela ngoba nakhu angikasebenzi.
    Isakhi u-sa-
    Umqondo oveza okusenzeka.
     Izindawo zasemakhaya zisaphephile.
     Balindeni phela, basashanela.
    Isakhi u-ma-/a-/ka-
    Umqondo wokuncika.
   Asifundeni/Masifundeni/ Kasifundeni liyasishonela ilanga.
   Asiyiphathe/Masiyiphathe/Kasiyiphathe kahle intuthuko.
    Isakhi u-nga-
    Siqukethe umqondo wokungenzeka/wamandla.
   Akekho ongaduka ngoba bakhona abaqaphe ezokuphepha.
   Ingayithatha indebe yehlabathi iBrazil.
    Isakhi u-nga-
    Umqondo wokulandula/wokuphika
   Ningahambi ngaleyo ndlela yenile.
    Isakhi u-nge-
    Umqondo wokungenzeke.
   Angethokoze ngani umzali ebona ingane yakhe ijabule.
   Ngingelalele umbhedo onje mina.
    Isakhi u-a-
    Umqondo wokulandula.
   Asiboni kahle uma liguqubele.
   Asihambi namuhla ngoba liyana.
    Isakhi u-i-
    Umqondo wokulandula.
       Asiboni kahle uma liguqubele.
       Asihambi namuhla ngoba liyana.
    IZAKHI ZESIBANJALO
    Isakhi u-ng-, ngu-, y-, yi-, w-
    Ngaphandle kokwehlisa iphimbo ohlamvini lokuqala, zikhona ezinye izindlela
    esinokuguqula ngazo amabizo siwenze izibanjalo ngokuphongoza izakhi
    zesibanjalo.
    Lezi zakhi yizona eziletha umqondo wokulandisa.
    Uthisha wami lona.
     o Nguthisha wami lona.
    Ohambayo uwena.
     o Ohambayo nguwena.
    Mina ngihlala lapha.
     o Yimina engihlala lapha.
    Umuthi wami uyababa.
     o Wumuthi wami obabayo.
    Elami ipeni.
     o Ngelami ipeni.
5. ISIKHANYISO
   Izakhi zesandiso sendawo.
   Ziletha umqondo wendawo/kandaweni
  Musa ukuhamba emgwaqeni wena.
            o e…… eni
  Izilwane zihlala ehlathini.
            o e……ini
  Ubaba wakhulela KwaZulu.
            o kwa-
  Asimuyise kuzona izingane zakhe.
            o ku-
  Lo mfana uhlala oPhongolo.
            o o-
  Mina ngisebenza eGoli.
            o e-
  Thela utshwala okhanjeni oluncane.
            o o…..eni
  Izakhi zesandiso sesimo.
  Ziletha umqondo wesimo.
 Le mali ngiyisebenzele kanzima.
           o ka-
 Zama ukudla ngokushesha wena bo.
           o nga-₊ ukushesha ₌ngokushesha
 Le ngane yedelela buthule.
           o bu-