INKONDLO
UTHANDO
1 Uthando lufana nobisi olusha
2 Lwehla kamnandi emphinjeni
3 Emva kwesikhathi luba muncu
4 Lwenz’ ubuso bothandiweyo bube muncu.
5 Uthando lufana notalagu
6 Uma usekude luyacwebezela
7 Eduzane itiyela nje.
8 Uthando alusekho emhlabeni
9 Sekusele abazitika ngankanuko;
10 Abesilisa abasiyenga njengoju
11 Kanti sizosala nezibazi zokutinyelwa
12 Amaqhinga abo asesihlabile
13 Nezinhliziyo sezisale zishoshozela.
14 Kodwa nathi asifundi
15 Njalo nje bayasixhaphaza
16 Nathi sibuyele odakeni
17 Kuhle kwezingulube,
18 Sibuyele emhlanzweni
19 Kuhle kwemikhangqala!
20 Uthando lubaba njengopelepele
21 Ogijimisa isisu kuze kuse-
22 Lapho usukhala zome
23 Uthando selufane notshwala
24 Lapho sebukuvukela.
1
25 Uthando lufana nembali
26 Eqhakaza kahle namuhla
27 Kuse kusasa isibunile.
28 Lunjalo-ke uthando lwesimanjemanje!
Ukuhluza Inkondlo
Isihloko senkondlo (Title of the poem)
• Isihloko siyahambisana nenkondlo ngoba inkondlo ikhuluma ngothando
lwesimanjemanje.
Umoya wenkondlo (Mood of the poem)
• Inkondlo inomoya okhombisa ukujabha / ukuphoxeka ngoba imbongi
ikhuluma ngokuhlukumezeka ngenxa yothando.
Uhlobo lwenkondlo (Type of the poem)
• Lena inkondlo esambhingqo ngoba imbongi igxeka uthando lwesimanje
okungelona olweqiniso.
Indikimba yenkondlo (Theme)
• Indikiba yale nkondlo uthando.
Isitanza 1
• Isifaniso – Uthando lufana nobisi olusha.
• Muncu – luba lubi / luyonakala.
• Ukuxhumana sigcina
… muncu
… muncu
Isitanza 2
• Isifaniso – Uthando lufana notalagu.
• Utalagu – ukucwebezela okubona ngaphezulu kwetiyela uma ukude.
2
• Itiyela – uketshezi olumnyama okwakhiwa ngalo umgwaqo.
Stanza 3
• Umqondophika
Abesilisa – abesifazane
• Umqondofana
Abazitika – abazijabulisa
Amaqhinga – amasu
Izibazi - imihuzuko
• Izibazi – omaka abasala uma ukade ulimele.
• Ukutinyela – ukuhlatshwa yinyosi noma isiqandi.
• Zishoshozela – zizwa ubuhlungu.
• Isifaniso – Abesilisa abasiyenga njengoju.
• Imvumelwano maphakathi
… aba …
…aba …
Stanza 4
• Bayasixhaphaza – bayasihlukumeza.
• Umqondofana.
Imikhangqala – izinja.
• Isifaniso – Kuhle kwezingulube.
– Kuhle kwemikhangqala.
• Sibuyele odakeni – sibuyele endaweni embi.
• Ukuxhumana okweqanayo
Kuhle …
Sibuyele …
Kuhle …
• Imvumelwano maphakathi
… kwe…
… kwe…
3
Stanza 5
• Isifaniso – Uthando lubaba njengopelepele.
• Ukuxhumana okweqanayo
Lapho
Uthando
Lapho
• Imvumelwano maphakathi.
… se…
… se…
• Imvumelwano sigcina.
…la
…la
Stanza 6
• Isifaniso – Uthando lufana nembali.
• Isibunile – yonakele / isifile
• Umqondofana
Lwesimanjemanje – lwanamuhla
IMIBUZO
1.1 Ikhuluma ngani le nkondlo? (1)
1.2 Khipha lokhu okusenkondlweni:
1.2.1 Isifaniso (stanza 1). (1)
1.2.2 Ukuxhumana siqalo (stanza 1). (1)
1.2.3 Ukuxhumana okweqanayo (stanza 4). (1)
1.2.4 Imvumelwano maphakathi (stanza 3). (1)
1.2.5 Imvumelwano sigcina (stanza 5). (1)
1.3 Bhala umqondofana waleli gama: imikhangqala. (1)
4
1.4 Bhala igama elinimqondo ophikisa leli: abesilisa. (1)
1.5 Chaza lesi simo sokukhuluma: Lapho usukhala zome. (1)
1.6 Bhala indikimba yale nkondlo. (1)
1.7 Chaza umugqa woku-1 ngamagama akho. (1)
1.8 Wuhlobo luni lwenkondlo lolu? Sekela impendulo yakho. (2)
1.9 Unjani umoya wale nkondlo? Sekela impendulo yakho. (2)
[15]