100% found this document useful (7 votes)
26K views46 pages

UMHLABA OFILE Presentation

The document discusses the challenges of climate change and its impact on the community, particularly in the Mgungundlovu area. It follows characters Solomon and John as they seek solutions to global warming, while also exploring their personal relationships and societal issues. The narrative emphasizes the importance of education and collaboration in addressing environmental problems.

Uploaded by

percocetjohn
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
100% found this document useful (7 votes)
26K views46 pages

UMHLABA OFILE Presentation

The document discusses the challenges of climate change and its impact on the community, particularly in the Mgungundlovu area. It follows characters Solomon and John as they seek solutions to global warming, while also exploring their personal relationships and societal issues. The narrative emphasizes the importance of education and collaboration in addressing environmental problems.

Uploaded by

percocetjohn
Copyright
© © All Rights Reserved
We take content rights seriously. If you suspect this is your content, claim it here.
Available Formats
Download as PDF, TXT or read online on Scribd
You are on page 1/ 46

UMHLABA

Ngu: Sebastian

Jili
OFILE


Sibonani
ekhaveni
yencwadi?

Imibuzo esiba nayo ngekhava
yencwadi:

Kukhulunywa ngamuphi umhlaba?

Yilo esiphila kuwo noma inyanga?

▪ Ingabe yini inkinga ngalo


mhlaba?

▪ Le nkinga idalwa yini, kuphi?

▪ Uma kunenkinga, yini


isixazululo?

https://www.youtube.com/wat
ch?v=Pan4Lo7UZ7Q&pp=yg
UWdG9ybmFkbyBmb290YW
dlIGluIGt6bg%3D%3D

Iyiphi le
nkinga?

Inkinga idalwa yini, kuphi?

▪ Ukuguquguquka kwesimo sezulu (Global warming)

▪ Isomiso

▪ Endaweni yaseMgungundlovu: eSweetwaters


Gezubuso,Taylors Halt, eMaswazini, Imafakatini.

Abalingiswa abakhulu:

➢ uSolomon Gasa noJohn Ntuli
Abalingiswa
➢ Sibone ngani ukuthi yibo ABAKHULU?

(i) Bavezwe ekuqaleni kwendaba,


(ii) Babizwe ngamagama abo,
(iii) Bavela bebhekene neNKINGA yokuphumelelisa iphupho lokundizela enyangeni ukuze balungise isimo
sokufudumala komhlaba , inkinga yesibili abazali babo abakholelwa kubona, bababiza ngemiphuphe (ikhasi
58), kodwa lokho akubaqedi amandla, bayaphikelela
(iv) Bazama ukuthola isiXAZULULO senkinga (ukufudumala komhlaba)
USolomon – (ebhayibhelini, wayeyinkosi yokuqala ukwakha ithempeli, futhi wayaziwa ngokuhlakanipha
kwakhe)
UJohn – (ebhayibhelini, wayengomunye wabaholi abaqavile ezincekwini zikaJesu)
➢ Abalingiswa abaBALULEKILE: uGasa (ubaba kaSolomon), uNtuli (ubaba kaJohn), uScelo – intatheli

➢ Babonakala ngani UKUBALULEKA KWABO?

➢ Babuza imibuzo eminingi ukuze bakhanyiseleke ukuthi iyiphi indlela okungaxazululeka ngayo le nkinga
(baqhuba udweshu)

Isixazululo

USolomon noJohn (nabelungu baphesheya)


kumele baqhamuke nesisombululo
sokuyobheka ukuthi angeke yini bakwazi
ukwenza umhlaba omusha enyangeni
ukulekelela lo mhlaba esiphila kuwo
ISAHLUKO 1 – ULWEMBU (spiderweb/Map)
INDIKIMBA: Ukushintsha kwesimo sezulu (Global warming)

Kulesi sahluko:
➢ Kuqala ngesikhathi kuhlasela isiphepho esinamandla endaweni yaseMgungundlovu, lapho eladuma,
labanika, kwamosheka izindawo ezinjengoSweetwaters, iGezubuso, iTaylors Halt naseMaswazini

➢ Emva kwalesi siphepho abantu bamoshakalelwa kakhulu, abanye bashona. Kule ndawo-ke lokhu
kwasekujwayele ukwenzeka ngoba uma kwakungesiyona imvula enolaka, kwakuba ukushisa kwelanga

➢ lokhu kuguquka kwesimo sezulu kwalimaza ezolimo nemfuyo, nasendaweni yaseMafakathini


kwakwenzeka okufanayo. EMafakathini -ke khona kwakunemizi emibili eyakhele khona
okwakungowakwaGasa nowakwaNtuli eduze kwesikole iNgcedomhlophe

9
Isahluko 1 siyaqhubeka..

➢ Kuthe ngelinye ilanga kwezwakala ukuqhuma okukhulu ngazathi ibhomu emzini wakwaGasa, nokwathusa
umphakathi ucabanga ukuthi imvula enkulu iyabuya

➢ Lokhu kuqhuma kwenzeka kwaGasa nje kwakunabafana ababili, owakhona uSolomon nowakwaNtuli,
uJohn. Phela laba bafana babethole umfundaze bayofunda phesheya, eMelika. Basebebuyile, phesheya –
behlala ngokuzivalela egumbini likaSolomon nokungaziwa ukuthi babenzani uma ngabephakathi

➢ Abazali babo (okungoyise babo) babehlala bekhathazekile ngalesi senzo, ngoba babezitshela ukuthi
EMKHATHINI KUHLALA UNKULUNKULU manje uma bendizela emkhathini bayophazamisa
uNKULUNKULU njengoba babekholwa ukuthi emkhathini kunezinkanyamba.

10
ISAHLUKO 2: UPHENYO LWEZIVAKASHI – FOREIGNERS’ RESEARCH
INDIKIMBA: UKULUNGISELELA UCWANINGO ENYANGENI

Kulesi sahluko :
- uSolomon noJohn bayaqhubeka nokulekelelana ngocwaningo lwabo, konke abakutholayo bakubhala
phansi, Kanti ngapha obaba babo abayekile ukubaphazamisa, bezama ukubathena amandla ngephupho
labo ngenhloso yabo yokufuna ukusebenzisa ulwazi lwabo abalithole enyuvesi yaphesheya ukuphakamisa
i-Afrika (iNingizimu Afrika)
- kulo lonke lolu cwaninga ababodwa, basebenzisana nethimba lochwepheshe baphesheya (UMaster
Elphas Edward, UProfessor Ansley Cassius noDanistus Otrostell) nabo abazibekile phansi ngale, bazibona
sebekunqobile abakuhlosile. Ngapha abafana banovalo, nakhu phela uSolomon uhlushwa yiphupho
- Uthe esathi uyalichaza, kungena izindaba ezikhuluma ngobungozi esibhekene nabo kulo mhlaba, nokuthi
usumosheke kakhulu, esikhathini esizayo angeke sisakwazi nokutshala ngenxa yokwenyuka kwenani le
carbon dioxide, seliphindeke kathathu kusukela eminyakeni eyikhulu eyedlule( 100 years ago) ngakho
lokho sekwenza ilanga lishise kakhulu (global warming)
11
Isahluko 2 siyaqhubeka……

- Isisombululo salokhu kufuneka kutholakala umhlaba ozoba yisisekelo (iback-up)


Yikho lokhu osekwenza abafana bengasalali bejahe ukuthi iphupho labo liphumelele

- Ngapha abazali bakaSolomon (uGasa benoMaZwane) baziqhubekela nemisebenzi yasekhaya


njengasemihleni
- Nakho-ke uMaZwane eseqala indaba yoSolomon noJohn mayelana nalolu cwaningo abalwenzayo, ukuthi
oGasa bathule bathini
- uGasa wavele akangamnaka nje, wathi akambuzi ngani ngokwakhe
- uyaqhubeka uMaZwane uthi phela uGasa oyindoda nokumele abuze laba bafana, hhayi -ke lokho
kwamcasula uGasa
- ulokhu eqhubekile uMaZwane kanti akasaboni ukuthi luyagcwala ulwandle kuGasa, uthe engazelele
uMaZwane wezwa nje ngogesi wempama, uGasa emshaya (ukuhlukumeza lokho)
- uyakhala manje uMaZwane ugcina ngokuzixolisela, ethi yena ubengaqondile ukuthukuthelisa umyeni
wakhe emva kwalokho selwehlile ulaka, wathi usahamba uyobona uNtuli 12
Isahluko 2 siyaqhubeka…….

- uthe eqeda nje ukuphuma uGasa, kwasala kwafika unyanyavu lwemoto olushayelwa yinsizwa
eyincwasimende. Le nsizwa uma ifika kwaGasa iqonda endlini kaSolomon, iyabingelela, iyazethula, igama
layo uScelo Mtolo, iwuqweqwe lwentathela yephepha elikhulu laseThekwini ngoba izindaba ezibhalwe yiyo
ziba sekhasini lokuqala njalo
- Izokwenzani intatheli? Izofuna ukwazi kabanzi ngabafana, ukuthi babuye nini phesheya, baphase kanjani,
kungani bakhetha umkhakha we-Geography (eZezwe), yiziphi izindawo abazihambela ngesikhathi
bephesheya. Hhayi, abafana bamchazela konke, kodwa bamfihlela ukuthi bafuna ukundizela emkhathini
- Uthe uma uGasa esekwaNtuli wayibona imoto kwakhe, wafikelwa ukwesaba ukuthi kungenzeka ukuthi
yimoto yabaseshi
- Wadlinza waze wazibona eseboshiwe, akangabe esazi noma uMaZwane yini obize amaphoyisa ngoba
nakhu bake bathusana

13
ISAKHUKO 3 – IKHASI 32 - 53
IZWE SELIYAZI – SOCIETY / COMMUNITY IS AWARE
INDIKIMBA: SEBEPHUMA/SEKUKHULUNYWA NGABO
EPHEPHANDABENI

- Abazali bakaSolomon bayazibuza bayaziphendula ukuthi kungani uJohn engakafiki, noSolomon


akazivalele namhlanje, bacabanga ukuthi mhlawumbe bathuswe ukufika kwentatheli
- Kuwo lowo mzuzu kuqhamuka uJohn ugodle iphephandaba kanti nabantu babonakele begugumba
namaphepha nalaba abangajwayele ukuwathenga
- Uthe uma efika uJohn wakhombisa uSolomon isihloko esisekhasini lokuqala nesasikhuluma ngabo
abafana, kwabamangaza abafana ukuthi uScelo ukuthathaphi konke lokhu asekubhalile
- Zabhebhetheka izindaba zokubuya kwabafana, ematekisini, emarenke ngisho nasematshwaleni
- Kwakunezintombi ezimbili ezazithandana noSolomon kanye noJohn ngesikhathi besafunda
eNgcedomhlophe ngaphambi kokuba bathole umfundaze nakhu nazo sezifunda ngabo ephepheni,
kwabe sevuka uthando lwabo lwakudala
- Yize noma u-Amahle wayeseyingonduso, kodwa uyakulibala lokho uma esezwa ukuthi uSolomon
ubuyile, uthando lwakhe lwaqala phansi lwavutha amalangabi kanti uBongile yena sewamukela
yena ukuthi uJohn usathola abangcono
14
Isahluko 3 siyaqhubeka….

- u-Amahle uzimisele ukwenza isikhathi ezoyobona uSolomon, kodwa uBongiwe ukhuza uyababaza, kodwa
u-Amahle engenza noma yini uma uSolomon ethi ababuyelane, kwammangaza lokho uBongiwe, wavele
wazithulela
- u-Amahle wayiqinisa indaba yokuthi kumele babavakashele, kodwa uBongiwe ukholelwa ekuthini yibo
abafana okumele bazingele bona, hhayi kube yibo
- uBongiwe no-Amahle babezwana ngengawo amasoka abo akudala
- uBongiwe ukhumbuza u-Amahle ngoSabelo, kodwa uyaveza ukuthi umauSolomon esamthanda
kungamane buchitheke bugayiwe
- kusenjalo kwangena izindaba emsakazweni ezikhuluma ngabo belu abafana ukuthi sebebuyile phesheya,
bazimisele ukuzoshintsha umhlaba ofile bawenze uphile ube nemvelo nezitshalo, amahhotela nedolobha
(enyangeni)
- ziyaqhubeka izindaba ukuchaza ukuthi kulindeleke ukuthi bahambe nezingqwayingqwayi zapheshela,
uma lokhu kuhamba kahle kungadala amathuba emisebenzi amaningi nokulekelela lo mhlaba esiphila
15
kuwo njenge -back up uma kungasaphileki kuwo
Isahluko 3 siyaqhubeka……

- bathi uma bezwa lezi zindaba abafana bathuka kakhulu, basola sengazathi abezindaba bezwe
ngabalingani babo baphesheya
- ngale ehhovisi likaScelo uma kuzwakala lokhu waba nokudinwa okukhulu ngoba ubecabanga
ukuthi nguyena kuphela owazi ngalolu daba
- naphesheya abelungu bamatasatasa balungselela ukuza eNingizimu Afrika ukuzolanda abafana
kuyiwe enyangeni
- Obaba babafana ayihlali kahle le ndaba, okubakhathaza kakhulu ukuthi kanti abafana baganwa
nini ngoba nakhu phela sebezothathwa abelungu bandizele enyangeni, kuyokwenzekani uma
inyanga isincipha besekhona le phezulu
- Kulokho kudideka, kwafika intatheli uScelo, naye wafika neyakhe imibuzo. UScelo eselapho
kwaGasa kwafika incwadi, amakhehla athi mayifundwe wuyena uScelo, wayifunda
16
Isahluko 3

- Incwadi yayiqinisekisa ukuthi abelungu sebesendleleni, akusekho ukubuyela emuva


- Emva kokuba eseyiqedile ukuyifunda, aqhubeka amakhehla noScelo babuza imibuzo, abafana
baphendula ngokwezethemba yonke imibuzo
- UScelo waba nokujabula okukhulu, emangazwa ukuhlakanipha kwabafana nolwazi abanalo
olumangalisayo, encoma nokuthi imfundo iyakhanyiselana
- Wathi efika nje ehhovisi wayelufaka udaba ngesihloko esikhulu “INGQOPHAMLANDO EMKHATHINI”
lathengwa ubuthaphuthaphu iphephandaba
- Wajabula wafa umhleli omkhulu ngomsebenzi oncomekayo kaScelo
- Izingcingo zangena zingenile, baze baphoqeleka ukuthi bagaye elinye iphephandaba kwathi abemisakazo
bazizela ngokwabo ehhovisi

17
ISAHLUKO 4: IKHASI 54 - 65
ULAKA LWEPHOYISA - ANGRY POLICEMAN
INDIKIMBA: IPHOYISA ELINENDLUZULA ALINALWAZI

- U-Amahle uyintombi enhle, emi kahle, uyabona ukuthi uBongiwe akahambisani nokubuyelana kwabo
noSolomon, nakhu phela u-Amahle useyingoduso futhi uziyela yena kuSolomon engambizanga. Nokho-ke
uyamjabulela uSolomon uma embona. Uthando lwabo lwaphinde lwavutha amalangabi futhi (upelepele
wavuka ogqokweni)
- U-Amahle akasafuni ukuqhubeka nomshado wakhe, uSolomon akahambisani nalowo mqondo kwaze
kwafika la uSabelo (ongumkhwenyana ka-Amahle) esola ukuthi kukhona okushaya amanzi. Bathandana
ngisho noSolomon useyajwayela ukuyovakashela u-Amahle
- Iyawusola nenkukhu umgqakazo ebazalini bakaSolomon, nakhu phela useke ahambe aze abuye ebusuku,
kwesinye isikhathi engabuyi, manje abaphatheki kahle
- Useke abuye ekuseni ngovivi, bayamthethisa , ugcina ngokuqamba amanga
- Ukusola kuka Sabelo kuya ngokuqina, uze uqala ukuphenya ngengoduso yakhe
- Nangu noNtuli uvakashele uGasa, besahleli kungena iphoyisa (uShezi) alithukuthele ligane unwabu,
lizobheka ukuthi laba bafana abakhandi yini amabhomu, izibhamu, noma iziqhumane

18
Isahluko 4 siyaqhubeka…..

- U-Amahle uyintombi enhle, emi kahle, uyabona ukuthi uBongiwe akahambisani nokubuyelana kwabo
noSolomon, nakhu phela u-Amahle useyingoduso futhi uziyela yena kuSolomon engambizanga. Nokho-ke
uyamjabulela uSolomon uma embona. Uthando lwabo lwaphinde lwavutha amalangabi futhi (upelepele
wavuka ogqokweni)
- U-Amahle akasafuni ukuqhubeka nomshado wakhe, uSolomon akahambisani nalowo mqondo kwaze
kwafika la uSabelo (ongumkhwenyana ka-Amahle) esola ukuthi kukhona okushaya amanzi. Bathandana
ngisho noSolomon useyajwayela ukuyovakashela u-Amahle
- Iyawusola nenkukhu umgqakazo ebazalini bakaSolomon, nakhu phela useke ahambe aze abuye
ebusuku, kwesinye isikhathi engabuyi, manje abaphatheki kahle
- Useke abuye ekuseni ngovivi, bayamthethisa , ugcina ngokuqamba amanga
- Ukusola kuka Sabelo kuya ngokuqina, uze uqala ukuphenya ngengoduso yakhe
- Nangu noNtuli uvakashele uGasa, besahleli kungena iphoyisa (uShezi) alithukuthele ligane unwabu,
lizobheka ukuthi laba bafana abakhandi yini amabhomu, izibhamu, noma iziqhumane
19
Isahluko 4 siyaqhubeka…….

- Lithe uma lifika, uSolomon ulicela i-search warrant, aliyiphethe, kodwa liyaqhubeka nokubheka
- alangathola lutho, lahamba, kodwa labaxwayisa ukuthi libabhekile.
- Kusenjalo kukhale u-ova ovela eMelika, ubazisa ngokuthi sebeyasuka oProfesa ukuzolanda uSolomon noJohn
- Bayakhuluma bayaqeda, bayavalelisana
- Iveni yamaphoyisa iyahamba
- UNtuli utshela abafana ukuthi abayiyeke lento abayenzayo
- Abavumelani naye, naku phela sebezohamba vele
- UNtuli noGasa abayizwisisi le ndaba yamadodana abo, basalokhu beqhamukile nemibuzo:
o bazophefumula kanjani ngoba awukho umoya enyangeni?
o uma inyanga incipha ayizukubapitshiza yini?
- Iphoyisa uShezi lisongela uSolomon noJohn ukuthi lizokwenza noma yini ezobaphazamisa, ngoba akayikholwa lento
abayishoyo
- Iphoyisa uShezi libona abantu abaningi bafunda iphephandaba, naye walifuna walithola, uma lifunda libona isihloko
“Ingqophamlando emkhathini”
- Kwamthukuthelisa kakhulu lokho ngoba kuleyo ndaba kwakuvela negama lakhe 20
ISAHLUKO 5: IKHASI 66 - 90
UVALO LOKUBHEKANA NENKOSI
INDIKIMBA: IMBIZO

Kulesi sahluko, njengoba sazi-ke ukuthi uGasa noNtuli abanumzane abafuyile futhi abalimayo:
- UGasa ukhipha izinkomo ziyodla edlelweni nakhu esebona indoda yehhashi
- Le ndoda, induna yenkosi ithunywe ukuba izobiza uGasa noNtuli namadodana abo
- Ayichazeli ukuthi kungani bebizwa, kwamthusa lokho uGasa, ukuthi kungenzeka inkosi izobaxosha noNtuli naye
kuyamethusa ukubizwa kwabo yinkosi, ukuthi kungenzeka baxoshwe, kuthathwe nezinkomo zabo
- Yize noma uGasa noNtuli bethukile, uSolomon noJohn bazikhululekele nje abazi nakwazi, bathe befika enkosini
bafika sekunabantu abaningi yafika inkosi , kwangenwa , yaqala indaba, indaba yabo kwakungeyokuqala
- Embizweni inkosi izwakalisa ukukhathazeka ngoba izizwa sengathi yona ayishaywa mkhuba, uGasa/uNtuli nabafana
babo bayazenzela nje
- yize noma uNtuli ayeziqinisa, uGasa wayesephelile uvalo, abanye abantu bababhekile, bafuna ukuzwa ukuthi
bazothini
- inkosi iyabacela ukuthi abachaze ngakho konke lokhu okwenzekayo – ukundizela emkhathini kanye neziqhumane,
yacela ukuba kuchaze bona abafana
21
Isahluko 5 siyaqhubeka…..

- USolomon uyaqala uyabingelela, uchaza nesimo abangaphansi kwaso selokhu babuya phesheya,
uyashweleza eNkosini, uyachaza futhi ukuthi yini inhloso yohambo lwabo lwasemkhathini, noJohn
uyalekelela. Nomkhandlu wathola ithuba ngokuhlasela uGasa noNtuli ukuthi kungani bengabikelanga
inkosi ngoba bayawazi umthetho
- UNdunankulu wafuna incazelo egculisayo ngakho konke okwakuchazwa yilaba bafana, wabuza futhi
nokuthi isizwe sizotholani ngalolu hambo lwabo
- Bachaza-ke abafana ukuthi isizathu sokuhamba kwabo, yingoba lo mhlaba esiphila kuwo
usumosheke kakhulu ngenxa yamafemu akhiqiza intuthu, nokuthi izinto seziku-Fouth Industrial
Revolution (4thIR) manje ngakho -ke nabo bafuna ukulekelela kulezo zinguquko
- Baqhubeka bachaza nokuthi nesimo sezulu asisafani nakuqala, nokulima sekuphazamiseke
kakhulu ngenxa yelanga elishisa kakhulu.

22
Isahluko 5 siyaqhubeka….

- Bachaza nokuthi ukube izwe laseNingizimu Afrika lisesimeni esifanele, kungabe nayo isisebenzisa i-
nuclear njengako Russia, USA ne Germany, kodwa ayikakulungeli lokho ngoba iyabiza
- Bachaza futhi ukuthi njengoba becwaninga nje, bafuna ukubona ukuthi angeke yini kwenzeke ukuthi
kunomhlaba ongcono kunalona esihlala kuwo ukuze kuzothuthelwa kuwo, ngoba lona esikuwo
manje ukuguquka kwesimo sezulu kuzowubhubhisa. Kwabethusa kakhulu lokho abantu
- Baqhubeka bachaza abafana ukuthi ngenxa yalesi simo, kuzoba nendlala kanye
nesomiso, nohulumeni uzogcina esehluleka ukulungisa izingalasizinda ezinhlukunyezwe
yizikhukhula
- Abanye bakholelwa ukuthi izono lezi ezenza umhlaba wethu ube nje, kodwa abafana bazihlangula
kulokho, bathi abayi ngenkolo kodwa baya ngalokhu abakufundile.
- (Ukungqubuzana kwenkolo nemvelo)
- Abafana bayasho ukuthi ngisho nohulumeni unokukhathazeka ngalokhu, futhi izwe laseNingizimu
Afrika liwunombolo 14 ukuba sengozini emazweni angama 196. Lokhu kweziwa ukugcwala kakhulu
23
kwabantu kanye nokukhiqiza kakhulu i-CO2
Isahluko 5 siyaqhubeka…….

- Inkosi yabuza ukuthi yikuphi okunye okungenziwa ngaphandle kokuya enyangeni, abafana bathi inuclear
kanye nezimoto ezishajwa njengamafoni, ungasasetshenziswa ugesi.
- Bakuveza kodwa ukuthi amanye amazwe afana ne-USA awavumelani nalokhu, kodwa into engasiza i-
recycling yethini nebhodlela ukugcina i-energy. Okunye okukhulu okungasiza ukuthi kutholakale
umshini ongasusa i-C02 emkhathini
- Intatheli ibuyela kwaGasa, izocoshela ezinye izindaba
- Omunye umbuzo ovelayo ukuthi, ama-season (izinkathi zonyaka) ayefana yini enyangeni nasemhlabeni,
kwatholakala ukuthi awafani, ukuthi kwenziwa yini lokho, akwaziwa
- Bayaqhubeka abafana bachaza umehluko phakathi kwenyanga, umhlaba, nelanga, bathi ilanga libaluleke
kakhulu ngoba lisinika uVitamin D
- Besachaza kanjalo, kwatheleka iphoyisa, labasabisa laxosha nentatheli
- Lasabisa nabanumzane ukuthi lizobabopha
24
Isahluko 5 siyaqhubeka…..

- Khona manjalo kwakhala u-ova ovela phesheya kwezilwandle owazisa abafana ukuthi abalunge,
sebesendleleni, sekuzoyiwa enyangeni
- Kuthe kusenjalo, kwezwakala ukuduma okukhuu, kwazamazama indlu ababekuyo, iphoyisa labaleka,
ananumzane bathuka besaba ukuthi sebeyafa
- Linele lahamba iphoyisa, kwanqamuka ukuduma
- Abanumzane bayaqhubeka nokungayikholwa yonke le nto eshiwo abafana
- Lokhu kuduma okwenzekile, bacabanga ukuthi ukuduma okwenzekile bekuwubuthakathi
- Ukuduma kwadalwa ukuxabana kwamagagasi omoya (u-ova wephoyisa ne radio transformer)
- Emva kokuba iphoyisa libalekile, lalithuke kakhulu emva kokuduma okwenzekile, lalicabanga ukuthi
ubuthakathi
- Nangapha uMaZwane luyalumbulala uvalo ngenxa yezinto ezenziwa abafana
- unquma ukuvakashela uMaBhengu, uyomxoxela konke okwenzeka kwakhe
- baxoxa baze baphuma nesinqumo sokuthi ababulale abayeni babo ngokubashisa ngamanzi abilayo,
25
wakhuza wababaza uMaZwane, ngokunjalo nabo omama abayikholwa le nto eshiwo ngabafana.
ISAHLUKO 6: IKHASI 91 - 102
IFU ELIMNYAMA – DARK CLOUD
INDIKIMBA: UKUFA

- Ziyaqina izinsolo zikaSabelo ngo-Amahle useze wehla emzimbeni, ucabanga


nokuzibulala, noma abulale u-Amahle bese ezibulala naye ngoba le ndaba isimhluphe
waze wacabanga ukuyozwa ngoBongiwe
- Hhayi imbuzi yagudla iguma kuBongiwe, wagcina eselitholile iqiniso ukuthi u-Amahle
usebuyelene noSolomon nokwamcasula kakhulu lokho uSabelo, wayothenga inkabi
ezobulala uSolomon
- Kanti no -Amahle uzozwa ukuthi uSabelo ubonakale noBongiwe, naye wathukuthela
wayohlasela uBongiwe
- Indaba igcina ngokushona kukaSolomon, akwaziwa ukuthi ubulawe ngubani
- uJohn waquleka waya esibhedlela
- kubo kaSolomon ayaziwa indaba ka-Amahle, uJohn kuphela oyaziyo
26
ISAHLUKO 7: IKHASI 103 - 112
IPHUPHO ELINGACACILE – A VAGUE DREAM
INDIKIMBA: AMALUNGISELO OMNGCWABO

Kulesi sahluko:
- usuku lomngcwabo kaSolomon, kwakugcwele abantu nezimoto, kududuzwa, kuvulwa amavesi okududuza
umndeni, ikakhulukazi uJohn ongumngane kaSolomon
- bayamgqugquzela ukuthi aqhubeke nabesebekuqalile
- uJohn wayedabuke kakhulu, engasadli, engezwa nokuthi kuthiwani
- wabhala inkulumo yokuvalelisa kumngane wakhe, ngoba wayehluleka nokukhuluma
- uJohn ufisa ukwazi ukuthi ubani umenzi wokubi, uma engamazi, engambulala (uyafunga)
- kungena ubaba wakhe, uyamduduza, kodwa ufisa sengathi engabe esaqhubeka nalolu hambo kodwa
uJohn uyagcizelela ukuthi uyahamba noma kanjani, lokhu kuzofana nokuhlonipha nokufezekisa iphupho
labo nomngane wakhe. Hhayi wagcina ngokumkhulula ubaba wakhe

27
Isahluko 7 siyaqhubeka……

- abelungu bebengazi ngokwenzeke kuSolomon, bezwa emsakazweni, kodwa


bazitshela ukuthi ukufana kwamagama nje, ngoba uJohn akabazisanga,
kuthe kusenjalo kwakhala u-ova, abalungu bathola izindaba ezimbi
- banquma ukuluhlehlisa uhambo ngezinyanga ezintathu, bahlonipha uJohn
- kunzima ebazalini bakaSolomon, akulaleki, akukho nabakuthola
emaphoyiseni
- baze bacabanga ukuya enyangeni (uNsavunsavu) uma befika enyangeni
abatholi abakufunayo, ibatshela ukuthi impendulo bazoyithola ngelanga
lenhlambuluko
28
ISAHLUKO 8: IKHASI 113 - 123
INHLAMBULUKO ENESIDUMO – A CHAOTIC CLEANSING CEREMONY
INDIKIMBA: USOLOMON UYAPHILA

Kulesi sahluko:
- Sekwenziwa amalungiselelo enhlambuluko futhi ahamba kahle, sekuphele amasonto amabili angcwatshwa
uSolomon, namhlanje usuku lwenhlambuluko
- kuyaphithizela lapha kwaGasa, noJohn uyalekelela, yize kunokungakholwa ukuthi uSolomon akasekho
kodwa bayazama ukwamukela
- kuqhamuka imoto edimile igijima, kushunqa izintuli, besamangele, kukhona owehlayo
- uMaBhengu wezwakala ememeza ethi “isipoki”, kwaba nokudideka okukhulu, kunokungakholwa
kwabakubonayo, uSolomon
- kwangenwa endlini, uSolomon uchaza ukuthi kwenzakalani
- bajabula kakhulu kubo kaSolomon, nomakhelwane, base bembiza ngokuthi “umafavuke”
- nasemisakazweni kubikwa ngokubuya kukaSolomon
- kuyacaca ukuthi uhambo lwasemkhathini luyaqhubeka
- uJohn wazisa abelungu baphesheya ngendaba kaSolomon, bajabula abelungu
29
Isahluko 8 siyaqhubeka…….

➢ kwaGasa benza amalungiselelo okumba isidumbu esangcwatshwa esingaziwa, kwahamba kahle


➢ uSolomon unika amaphoyisa inombolo yemoto eyiGolf
➢ uMaZwane ukube kuya ngaye ngabe uSolomon akasaqhubeki nohambo lwasemkhathini, kodwa
uGasa akasawubambi umshini, uthi akayekwe aqhubeke
➢ khona manjalo kutheleka iphoyisa kwaGasa, lizosabisa abafana
➢ kwatholakala ukuthi abasawubambi umshini abafana, balitshela ezikabhoqo, lazibonela ukuthi angeke
lisabashintsha umqondo laba bafana laphuma lidumele, liphoxekile
➢ abafana bazisa uGasa ukuthi njengoba kunguLwesibili nje, ngoMgqibelo bayahamba
➢ noma uGasa engayizwisisi kahle le ndaba yabo, kodwa ugcina evumile, kuyamjabulisa uSolomon
lokho
➢ uGasa ucabanga nokuhlaba, ukuze acelele uSolomon kwabaphansi ukuthi bahambe naye kulolu
hambo
➢ uGasa uxwayisa abafana ngoShezi kodwa abethuki nakuthuka
30
ISAHLUKO 9: IKHASI 123 - 135
UMTHWALO USOBHOKWENI – THEY ARE READY TO GO
INDIKIMBA: AMALUNGISELELO AYAQHUBEKA

Kulesi sahluko:
- kunokujabula endaweni ngokuhamba kwabafana, ikhansela lihlela ukubenzela idili lokubavalelisa
- limema imeya, undunankulu nomongameli wezwe
- kwahlelwa izithuthi ezizothutha umphakathi kuyohlanganelwa eholo elisedolobheni
- abantu babegqoke kahle, uSolomon noJohn beyizitatanyiswa zikahulumeni
- nabazali babo babehlelelwe kahle, nabo babegqoke kahle
- nebala wafika umongameli ephelezelwa amaphoyisa nabaqaphi bakhe
- bangena ehholo (City Hall) wemukelwa ngenjabulo umongameli
- waba yisikhulumi umongameli, wabahalalisela, wababonga ngomkhakha abawuthathile ongajwayelekile
ezweni laseNingizimu Afrika
- umongameli uchaza nangokuthi umkhathi une lab okuyiyona esiza izwe ukuthi lazi ngokuzokwenzeka,
ikakhulukazi ngokushisa kwelanga nangesimo sezulu jikelele
31
Isahluko 9 siyaqhubeka…..

- umongameli uyanaba ngokuchazela abantu ukuthi kuningi asekuzwile mayelana neminye


imihlaba, ngakho-ke ukhuthaza intsha ukuthi ifundele imikhakha ethinta umkhathi,
nanokuthi uzwile ukuthi sisencupheni yokuwelwa ngamatshe avela kuMars nangenza
umonakalo omkhulu (ukucima kwelanga ngenxa yezintuli, iTsunami kanye nokufa)
- umongameli ubongela nabazali ngokuba nezingane ezizoshintsha umhlaba ngendlela
engajwayelekile
- waqeda umongameli, abefundisi babusisa abafana kwadliwa, kwaculwa, kwamnandi
kwanjeya
- kwaba nesasasa endaweni yonke, nababesaba ukuthi bavela eMafakathini bazivela,
beqhosha ngabafana, abanye sebeqamba namanga bethi babefunda nabo
- abanezibongo ezifana nezabo, base bezenza izihlobo zabo, yize noma bengazani nhlobo
32
Isahluko 9 iyaqhubeka……

➢ abafana baphetha ngokuthi bachazisise kubazali babo ngohambo lwabo


➢ bobane abazali banovalo
➢ uGasa ubuza ukuthi babathemba kangakanani laba belungu abahamba nabo
➢ abafana baphendula ngokuthi bayabethemba, sesiside isikhathi becwaninga nabo
ngalolu hambo
➢ besaxoxa kanjalo kufike umfundisi ezozimazisa ukuvaleliswa kwabafana
➢ nomfundisi ufika neyakhe imibuzo
➢ kuphawula nekhehla elidala ngohambo lwabafana, lifakaza ukuthi kunezimfihlakalo
eziningi, nangaphansi kwamanzi
➢ lalekelelwa esinye isalukazi ngalokho ayekusho, ukuthi kunanezinyoka ezihlala
ngaphansi kwamanzi
➢ uGasa uphakela abantu inyama , bayadla, kunomsindo 33
ISAHLUKO 10: IKHASI 136 - 144
UMKHONTO UBHAJWE ENXEBENI – ` ISIMO SIBUCAYI, NGOBA
UKUPHUMA KWAWO, KUSHO UKUTHI KUNGENZEKA NOMA YINI,
NGOBA UMA LOPHE KAKHULU LELO NXEBA, KUYOKWEMBULWA KWEMBESWA.
INDIKIMBA: KUYAHANJWA KUYIWA ENYANGENI – (akusekho ukujika)

- Abelungu basendleleni eza eSouth Africa


- Bahambe bayaxoxa ngohambo lwabo
- Sebehambe baze bafika eMadacascar
- Ngapha kwagasa abantu babuse baze balala khona, nakhu phela kunele kwahamba
umfundisi basale bazinyinya ngamanzi amponjwana
- Umfundisi wabuya ekuseni
- kwaGasa kugcwele yonke inhlobo yomuntu ongayicabanga (amaphoyisa, izintatheli
zamaphephandaba nezikamabonakude)
- khona manjalo kwezwakala ukuduma okukhulu kwezulu
- uGasa uyatatazela, ufuna ukugqaba nokugcaba abantu, umfundisi uyamvimba
34
Isahluko 10 siyaqhubeka…….

- kuze kube yimanje abazali babafana abakayizwa kahle lendaba yokundizela enyangeni
kwabafana, njengoba liduma nje bacabanga ukuthi uNkulunkulu akafuni kwenzeke
lokhu
- uSolomon noJohn abazi nakwazi, bapopola phezulu, bayehla bayenyuka
- liyaqhubeka izulu liyaduma, umfundisi waze wathi akukhulekwe
- ngalesosikhathi izinsizwa zaseMelika (abelungu) banobunzima le emkhathini, sebeze
bacabanga ukubuyela emuva, kodwa u-Otrostell athi (forward we go)
- emva kwalobo bunzima nokuthuka, nokuhilizisana, bagcina bethe cababa eNingizimu
afrika

35
ISAHLUKO 11: IKHASI 145 – 151
UMHLABA OMUSHA – NEW WORLD
INDIKIMBA: UMHLABA OFILE USUPHENDUKE
UMHLABA OMUSHA

➢ UShezi uba nokujabula ukuthi abafana sebeze baphumelela bandizela enyangeni


unokuzisola ukuthi waphazamisa ucwaningo lwalaba bafana
➢ Sekwedlule iminyaka emihlanu agcina kwaGasa
➢ Ucabanga ukuyobabona kodwa wenqena uNtuli ngoba ethi uyadelela
➢ Imizi yabanumzane seyakhiwe yaba yizithabathaba, sebeyahlonishwa nasendaweni
yaseMafakathini
➢ Base bekhomba ngophakathi, sekukhona nonogada, sebehamba ngezimoto zohlobo
oluphambili, noma beya emtholampilo bahanjiswa ngabashayeli babo
➢ Imizi yabo isivakashelwa nangabelungu baphesheya
➢ uGasa noNtuli bayazixoxela, bakhumbula ezakudala bengakakholelwa kule nto
eyayishiwo ngabafana
➢ baxoxa baze bafika kumnikazi weGolf owazama ukubulala uSolomon, kuyavela 36
Isahluko 11 iyaqhubeka……

- bathe besaxoxa thushu iveni yamaphoyisa, kwehla uShezi evathazela, egwajaza nje engazi
ukuthi ubabheka kanjani laba banumzane
- uma efika, uyabaxhawula, nabanumzane sekuphelile ukumesaba manje
- uShezi uvuma izono zakhe ukuthi wayengabathembi abafana mayela nohambo lwasenyangeni,
uthi wayecabanga ukuthi bafuna ukuhwebelana namanye amazwe ngama-drugs (izidakamizwa)
- uyasho nokuthi wayeme endleleni yenkululeko futhi ebuswa umona nenhliziyo embi
- wakhuluma waze wakhala baze babona nabanumzane ukuthi uyazisola ngempela
- abanumzane (uGasa noNtuli) bayamxolela bathi akazifanise nomhlobo wabo
- Wabonga, wajabula uShezi waze washo ukuthi uzoya kumfundisi ngakusasa ayocela umkhuleko
- Izinto zihamba kahle le emhlabeni omusha uSolomon noJohn, bakwazi ukulalela umsakazo
nokubuka umabonakude osemhlabeni kepha bona besenyangeni
- Abafana bafuna ukuqhubeka nolunye ucwaningo ngeMars
- Abafana basaxhumana noScelo, naye usathola isikhundla sokuba uMhleli wephephandaba
37
Isahluko 11 siyaqhubeka…….

- Konke kuhamba kahle, bathola noxhaso kwamanye amazwe


anjengoChina, sebefuna ukuzakhela esabo isiteshi enyangeni,
bacebile emhlabeni ofile
- Bayazibonga ngokufunda ngokuzikhandla, yize bekunzima,
babambelela emazwini kaMadiba athi:
- “IMFUNDO ISIKHALI ESINAMANDLA ONGANQOBA NGASO
LONKE UHLOBO LWEMPI”
38
INKATHI
YAMANJE: UMEHLUKO UKUTHI KUSHAYISANA USIKOMPILO
NENQUBOMGOMO (abafana vs abazali)
*Izithuthi ezisheshayo:-izimoto/imikhumbi-mkhathi*Ukudunwa kwezimoto
*Ukuthengwa kwezinkabi (ukubulala abantu)
*KunamaNyuvesi:-kuyafundwa –phesheya kwezilwandle
*Omakhalekhukhwini/u-ova
*Kunamamaphoyisa/izintatheli
*Ukukhohlisa / Cheating
Kufuyiwe kunezinkomo, amasimu, abanumzane bahlalele umancishane
phansikwesihlahla
EZAYO:
Okuningi okwenzeka endabeni, sekuvele kuyenzeka, kodwa
kusenokuningi futhi okusazokwenzeka, njengokuhlala enyangeni,
ukudonsa i-oxygen emhlabeni, ukubukela umabonakude
enyangeni
INDAWO:- Indawo yasemakhaya

Taylors Halt Police station


ISIMO SENHLALO (LIFE STYLE): SIXUBILE

ESAMANJE:
*Abafundayo bayazimisela ngemfundo- uSolomon noJohn bathola umfundaze
phesheya, basebenzisana nabelungu
*Izingane zifezekisa amaphupho azo – uSolomon noJohn bandizela enyangeni
*Ukuhlukumeza- uGasa ushaya uMaZwane ngempama
*Ubugebengu:-ukuthengwa kwenkabi eyayizobulala uSolomon
*Abantu besifazane bayakhohlisa-u-Amahle ubuyelana noSolomon kodwa ebe
eyingoduso
Ukushintsha kwesimo sezulu – Global warming

ESAKUDALA:
Kusaluswa- kunesibaya, kusahanjwa nangamabhasi,
izintombi nezinsizwa zisanyonyoba ngovivi uma zivakashelene
UDWESHU:- LWANGAPHANDLE/ LWANGAPHAKATHI
Luqala lapho kuba nokushintsha kwesimo sezulu endaweni yaseMafakathini. Abantu bamoshakalelwa
izitshalozabo, imfuyo iyafa nabantu bayashona ngenxa yezikhukhula.

UDWESHU LWANGAPHANDLE
*Iphoyisa lizidela amathambo, lifika
UDWESHU LANGAPHAKATHI
liyagulukudela lizokwethusa abafana *Abafana (uSolomon noJohn) bahlala bezivalele
ukuthi lizobabopha endlini bezama ukuthola isixazululo sokushintsha
*Abanumzane abaphathekile kahle ngesenzo kwesimo sezulu.
sikaSolomon noJohn, bayabethusa ngokuthi letho *Iphoyisa (uShezi) likhathazekile licabanga
abayenzayo iphambene namadlozi kanye ukuthi laba bafana bakhanda iziqhumane.
noNkulunkulu. *Intatheli igudla iguma ifuna ukwazi ukuthi abafana
*Ukubulawa kukaSolomon, uSabelo uthenge baphezu kwani.
inkabi *Izinsolo zikaSabelo ziyaqina ngo-Amahle.
*UGasa uya enyangeni ukuyohlola mayela *uMaZwane uhlushwa yiphupho ngomntwana wakhe
nephupho likaMaZwane .
UMLAYEZO/ISIFUNDO

Yize noma umbhali wencwadi echaza ukuthi mhla ebhala le ncwadi


kwakuyinganekwane, kodwa lokhu ayebhala ngakho sekuyenzeka
Isimo sezulu sintshintshile, kunezikhukhula, asisalimi ngezikhathi
esakhula kulinywa ngazo.

*Isimo sezulu sishintshile


*Isimo sezulu sesiba ngokwedlulele- Ilanga uma lishisa selishisa
ngokweqile, uma kubanda sekubanda ngokweqile, imvula isina
ngokweqile

• Ungavumi ukuphazanyiswa ephusheni lakho


• Phila iphupho lakho
INDIKIMBA: Ukuguquguquka kwesimo sezulu/Isomiso

Ukuguquguquka kwesimo sezulu sekushintshe inqubompilo yasemhlabeni


*Inyanga iwumhlaba olandelayo
*ukufunda ngezinkanyezi (Astrologist)
IPHOLAVUTHONDABA REF P207
(ANTICLIMAX) ISIXAKAXAKA (CONFUSION)
Indaba iphela ngepholavuthondaba.
- Imizi yabanumzane seyakhiwe yaba
yizithabathaba, sebeyahlonishwa nasendaweni
yaseMafakathini
- Base bekhomba ngophakathi, sekukhona *Ukufa nokuvuka kukaSolomono?
nonogada, sebehamba ngezimoto zohlobo
*Umhlaba ofile –inyanga?
oluphambili, noma beya emtholampilo
bahanjiswa ngabashayeli babo *Umhlaba ofile – yilo esiphila kuwo?
- Imizi yabo isivakashelwa nangabelungu *Ingabe umbhali wayephupha?
baphesheya
- Izinto zihamba kahle le emhlabeni omusha uSolomon Ukuya enyangeni kwagcina
noJohn, bakwazi ukulalela umsakazo nokubuka “Phakathi komhlaka 7 ukuya ku-19
umabonakude osemhlabeni kepha bona besenyangeni December 1972, yi-Apollo 17
- Abafana bafuna ukuqhubeka nolunye ucwaningo
ngeMars
- Konke kuhamba kahle, bathola noxhaso kwamanye
amazwe anjengoChina, sebefuna ukuzakhela esabo
isiteshi enyangeni, bacebile emhlabeni ofile
IMIBHALO EMIDE:

➢ Indaba ende ebhalwayo/ Umbiko: Ucwaningo mayelana nezimbangela


zokuguquguquka komhlaba
➢ Incwadi yesicelo sesikhala eNyuvesi: Ufuna ukufundela ukuba yi-Astrologist
➢ Incwadi yokukhonda. Ungomunye wabafana ababefunda noSolomon noJohn
futhi ungumakhelwane. Bhalela ikhansela incwadi ukhononde ngomsindo
weziqhumane ezenzeka endaweni yakini.
➢ Umlando kamufi : UnguBongiwe, ucelwe ukuba ubhale umlando kamngane
wakho u-Amahle.
➢ Isibuyekezo sencwadi. Bhala isibuyekezo sencwadi osanda kuyifunda

You might also like